Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sivaliwe isikhala semeya eJozini

Sivaliwe isikhala semeya eJozini

by | 16 May 2025

NGUMNU Nkosinathi Myeni oyiMeya entsha yaseJozini.



YETHEMBISA ukufuqa ngamandla izinhlelo zentuthuko yomphakathi ngaphandle kokubheka ibala lomuntu iMeya entsha kaMasipala waseJozini, egcotshwe namuhla ngoLwesihlanu.

UMnu Nkosinathi Myeni ongowokudabuka eMhlekazi, eMkhuze, uqokelwe kulesi sikhundla emhlanganweni wamakhansela obubanjelwe ehholo lomphakathi eMachibini. UMyeni uvale isikhala esivuleke ngemuva kokuba uMnu Mfananaye Mathe, obeteketiswa ngelokuthi uyinkosi yezimeya, efake incwadi yokwesula kulesi sikhundla.

Ukwesula kukaMathe kulandela isiphakamiso esenziwe yiqembu labo i-IFP, ethathe isinqumo sokuhlakaza ubuholi balo mkhandlu ngoba kunezikhalo zokungahambi kahle kwezinye zezinto. UMathe utshele ILANGA ukuthi ufinyelele kulesi sinqumo ngoba ehlonipha ubuholi nezinguquko.

UMyeni unesipiliyoni sokusebenza ngomphakathi njengoba eneminyaka ewu-14 eyikhansela eliphethe uWard 01, kuwona lo masipala. Uthe uzosebenza nazo zonke izinhlaka zomphakathi ngenhloso yokufuqa izinhlelo zentuthuko yomphakathi.

“Akukho okuningi engizokwenza futhi engikuthebisayo ngaphandle kokuthi ngizibophezele ekutheni ngibe yisithunywa okufanele sigijimele kuwona wonke amakhona omkhandlu. Ngizosebenza nawo wonke amakhansela esijutshwe nawo,” kusho uMyeni.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....