
UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona.
Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona ngoMsombuluko njengoba kusaqhubeka uphenyo, futhi kungase kwenzgezwe namanye amacala okugqekeza. Enkantolo kuvele ukuthi lo wesilisa usolwa ngamacala okuthiwa waqala ukuwenza ngo-2014 kuya ku-2025. Enkantolo kuthiwe angashuthwa futhi lingavezwa igama lakhe ngenxa yokuthi kusazobizwa izisulu okumele zimkhombe. Ngokwemnininingwane, lo wesilisa kuthiwa uqhamuka eMgungundlovu kodwa ubehlala eCato-Manor. Amanye amacala kusolwa ukuthi uwenze eMgungundlovu. Ngaphandle kwawokudlwengula kukhona nawokugqekeza nokuzama ukubulala.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uhambele leli cala enkantolo ngoMsombuluko lapho eveze khona ukuthi kumele athole isigwebo esinzima lo msolwa uma etholwa enecala.
UNtuli uthe uhulumeni wesifundazwe umelene namacala okuhlukunyezwa kwabesifazane wanxusa ukuthi umthetho uqinise isandla futhi banikwe izigwebo ezinzima kwabatholakala benala macala. Kuleli cala uNdunankulu ubephelezelwa yinhloko ebambile yoMnyango wokuPhepha koMphakathi nokuXhumana, uNkz Funi Makhanya. Uhulumeni wakwaZulu uthe uzwelana nabahlukunyeziwe kuleli cala.







