Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

by | 20 September 2026

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka.

Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu izinto abazethembisa umphakathi uma bewina ukhetho oluzayo. Uveze ukuthi akuzona izethembiso nje kuphela kodwa abakuthembisile bayakugcina.

“Okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021 sazibophezela ukuthi kalikho ikhansela noma umholi esizobuya sizomxolisela uma engenzanga kahle, siyawaxosha amakhansela nabaholi abangenzi kahle. Lokho sikwenzile, nibonile. Komasipala abangaphansi kweNkatha akukho nowodwa onombiko onogcobho ngoba simile ekutheni abantu mabanikwe intuthuko ngaphandle kokwenzelela nokuqashana ngobuqembu nobuhlobo,” esho.

Ezintweni ezinhlanu azibalulile kwabazozenza wukunxenxa abatshalimali eNingizimu Afrika ukuze kuthuthuke umnotho, kwande namathuba omnsebenzi. Okwesibili kube wukunakekela ingqalasizinda nokungahlali nezinto ezifile emphakathini zingalungiswa. Lokho uthe bazokwenza kube lula emphakathini ngokuthi kube nendlela elula yokuxhumana nomasipala.

Okwesithathu wukusebenza ngokubambisana namakhosi ngoba njengoba kuyiwona ayinsika ezindaweni zasemakhaya futhi ingekho into engenziwa endaweni yenkosi ingabikeliwe. Okwesine uthe wukulwisana nenkohlakalo. Uthe irandi nerandi kumele kwaziwe ukuthi lenzeni futhi lenze umehluko empilweni yabantu. Okwesihlanu uthe ukuvikela nokuthuthukisa abantu besifazane.

Okunye akhulume ngakho uHlabisa uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi yonke indawo kukhona amaWi-Fi amahhala ukuqinisekisa ukuthi abantu bayakwazi ukufinyelela kuyona yonke imisebenzi kahulumeni nokuqonda konke okwenzekayo ezweni.

Uthe bakhathele abaholi abakhuluma ngoshintsho kodwa umphakathi uqhubeke uhlale ungenamanzi, ugesi, ezokuphepha, imisebenzi nesithunzi. Abantu uthe bazokwazi ukubika, banikwe iReference ngalokho ababika ngakho ukuze balandelele uma kungalungiswa ngokushesha.

Ezisematheni

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...

Ubonga abangani abamthathele isikweletu ophothule ezobumeli

Ubonga abangani abamthathele isikweletu ophothule ezobumeli

UBONGE abangani bakhe besifazane aqala nabo ukwenza izifundo zomthetho, abamthathela isikweletu sika-R40 000 ebhange ukuze aqedele izifundo zakhe ngemuva kweminyaka eyishumi, obethweswa iziqu zomthetho. UMnu Lungelo Hlongwane (29), ubengomunye wezitshudeni eziwu-1665,...