Ilanga News
Home 9 Featured 9 Siyezwela kubagibeli nakubadayisi isiteleka samatekisi ahamba amabanga amade eThekwini

Siyezwela kubagibeli nakubadayisi isiteleka samatekisi ahamba amabanga amade eThekwini

by | 3 December 2024

Ngamatekisi evale umgwaqo uN3 eThekwini.

SKHOSIPHI MTHEMBU


SIYEZWELA kubagibeli nakubahwebi basemarenki isiteleka samatekisi ahamba amabanga amade njengoba sekuphele izinsuku ezintathu engasebenzi.

Kushaya umoya emarenki okupaka kuwona lawa matekisi angaphansi kweDurban Long Distance Taxi association, njengoba engasebenzi futhi nabagibeli beyingcosana.

Kubukeka abanye abagibeli benethemba lokhu sizophela maduze isiteleka njengoba abanye bebesamile kwamanye amarenki.

Leli phephandaba like lazulazula amanye alawa marenki, kanti okucacile wukukhala kwabaziphilisa ngokudayisa emarenki.

Amaphoyisa kaMasipala weTheku nawo abenkanisile ezengxenyeni ezithile zedolobha ngoLwesibili njengoba erenki engaseYMCA, ejwayele ukuma amatekisi abheke koNgwavuma nakwezinye izindawo ezisenyakatho, bekupake izinyala ezimbili nezimoto ezincane zawo.

Omunye wabadayisa erenki eseDurban Station uthe bayalimala kakhulu njengoba bengekho abantu  abagibelayo.

Utshele ILANGA ukuthi okwenza kube nzima kakhulu wukuthi sekusondele noKhisimusi, okwenza basindelwe kakhulu njengoba beziphilisa ngakho ukudayisa.

“Siyacela kwiziphathimandla ukuba zixoxisane nabantu bamatekisi ngoba le nto ilimaza nathi nina esiziphilisa ngokudayisa, sondle nemindeni yethu. Isimo kasisihle neze,” kusho yena.
  Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu Ndabezinhle Sibiya, uthe zingaphezulu kuka-4000 izimvume ezingalandiwe emnyangweni.

Uthe emhlanganweni owabanjwa phambilini, kwavunyelwana ngokuthi osomatekisi kumele balethe izitifiketi zokuthi izimoto zabo zisesimweni,  namaPRDP (Professional Driving Permit) akhomba ukuthi umshayeli unelungelo lokuthutha abantu nokunye.

Uthi akulona iqiniso ukuthi kazikho izimvume. Uthe ngoLwesine ungqongqoshe, uMnu Sboniso Duma, uzokuba nomhlangano nosomatekisi abanezimvume, abafuna ukusebenza, abangeyona ingxenye yalesi steleka.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...