Ilanga News
Home 9 Featured 9 Siyezwela kubagibeli nakubadayisi isiteleka samatekisi ahamba amabanga amade eThekwini

Siyezwela kubagibeli nakubadayisi isiteleka samatekisi ahamba amabanga amade eThekwini

by | 3 December 2024

Ngamatekisi evale umgwaqo uN3 eThekwini.

SKHOSIPHI MTHEMBU


SIYEZWELA kubagibeli nakubahwebi basemarenki isiteleka samatekisi ahamba amabanga amade njengoba sekuphele izinsuku ezintathu engasebenzi.

Kushaya umoya emarenki okupaka kuwona lawa matekisi angaphansi kweDurban Long Distance Taxi association, njengoba engasebenzi futhi nabagibeli beyingcosana.

Kubukeka abanye abagibeli benethemba lokhu sizophela maduze isiteleka njengoba abanye bebesamile kwamanye amarenki.

Leli phephandaba like lazulazula amanye alawa marenki, kanti okucacile wukukhala kwabaziphilisa ngokudayisa emarenki.

Amaphoyisa kaMasipala weTheku nawo abenkanisile ezengxenyeni ezithile zedolobha ngoLwesibili njengoba erenki engaseYMCA, ejwayele ukuma amatekisi abheke koNgwavuma nakwezinye izindawo ezisenyakatho, bekupake izinyala ezimbili nezimoto ezincane zawo.

Omunye wabadayisa erenki eseDurban Station uthe bayalimala kakhulu njengoba bengekho abantu  abagibelayo.

Utshele ILANGA ukuthi okwenza kube nzima kakhulu wukuthi sekusondele noKhisimusi, okwenza basindelwe kakhulu njengoba beziphilisa ngakho ukudayisa.

“Siyacela kwiziphathimandla ukuba zixoxisane nabantu bamatekisi ngoba le nto ilimaza nathi nina esiziphilisa ngokudayisa, sondle nemindeni yethu. Isimo kasisihle neze,” kusho yena.
  Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu Ndabezinhle Sibiya, uthe zingaphezulu kuka-4000 izimvume ezingalandiwe emnyangweni.

Uthe emhlanganweni owabanjwa phambilini, kwavunyelwana ngokuthi osomatekisi kumele balethe izitifiketi zokuthi izimoto zabo zisesimweni,  namaPRDP (Professional Driving Permit) akhomba ukuthi umshayeli unelungelo lokuthutha abantu nokunye.

Uthi akulona iqiniso ukuthi kazikho izimvume. Uthe ngoLwesine ungqongqoshe, uMnu Sboniso Duma, uzokuba nomhlangano nosomatekisi abanezimvume, abafuna ukusebenza, abangeyona ingxenye yalesi steleka.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...