Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 IThala elisha kufanele liphathiswe okwezikhali zamaNtungwa

IThala elisha kufanele liphathiswe okwezikhali zamaNtungwa

by | 7 December 2025

YIZINDABA ezimnandi ukuthi izinkulungwane zamakhasimende ebhange iThala, okwabhajwa imali yawo kule nkampani emva kwezinsolo zokuthi kayiphethwe ngendlela ehlelekile, azokwazi ukuyithola ungakashayi uKhisimusi.

Lokhu kumenyezelwe wuhulumeni waKwaZulu-Natal ngoMsombuluko, kulandela ukumiswa kokusebenza kweThala yiPrudential Authority (PA), okuwuhlaka lwebhange lesizwe iReserve Bank. I-PA esikhathini esicishe sibe ngangonyaka, yavala ukusebenza kweThala, okwaba nomthelela wokuba amakhasimende alo angakwazi ukukhipha imali yawo ayeyigcine kuleli bhange, okuyisinyathelo esawahlukumeza kakhulu.

I-PA ibikhala ngokuthi iThaka kaliphethwe ngendlela yizikhulu zalo, nokuthi izindleko zalo zingaphezulu kwemali eliyigcinile, yingakho yafaka isicelo enkantolo ukuba iThala livalwe unomphelo.

Kuzokhumbuleka ukuthi izicelo zeThala zokuba yibhange ngokugcwele njengamanye, sezichithwe izikhawu ezimbalwa yiReserve Bank, ngoba ikhala ngokuthi iThala kaliyilandeli imigudu efanele yokugcina inkece yomphakathi. Okuphawulekayo ngokushiwo wuhulumeni wesifundazwe ngoMsombuluko, wukuthi namanje kakukacaci ukuthi ngabe iThala lisazoqhubeka yini lisebenze njengakuqala noma kuzoba nohlelo olusha elizosebenza ngaphansi kwalo.

Uma sibheka emuva, izinkinga zeThala elabe lisebenza kahle ngaphansi kukahulumeni waKwaZulu, ngaphambi kuka-1994, zaqala ngokuba lisetshenziswe yizikhulu ezithile kuhulumeni wesifundazwe ngokuqala kweminyaka yama-2000, ukuzicebisa ngalo. Imibiko yemithombo yabezindaba yangaleso sikhathi, ikhomba ukuthi zazixebula umkhomo, ziboleka imali kuleli bhange elixhaswe ngemali yabakhokhi bentela, kodwa zingayikhokhi.

Zazibuye futhi ziqoke abangani bazo njengabaphathi baleli bhange, ukuze zikwazi ‘ukuboleka’ imali kalula, zingabuzwa imidanti evamise ukufunwa kubantukazana ababoleka inkece emabhange ahlelekile. Noma ikusasa leThala lingakacaci okwamanje, kodwa uma lingabuye livuke, kuyofanele ukuba kuqiniswe imithetho nemigomo eliphathwa ngaphansi kwayo, futhi kuqinisekiswe ukuthi abaphathi balo banemfundo, amakhono nesipiliyoni sokulengamela.

Kungakuhle ukuthi iReserve Bank ibe nezwi ekuqokweni kwabaphathi baleli bhange, namalungu ebhodi, ukuze kuqinisekiswe ukuthi kalibuye liphinde liphendulwe inkundla yokukleza kogwansile kwezikhulu ezisemandleni kuhulumeni. Ithala lisebenzisa, futhi lasungulwa ngemali yabakhokhi bentela, ngakho konke elikwenzayo kufanele kube sobala, ukuze kuvikelwe inkece yomphakathi emaseleni. Sesiphetha, siyababongela labo abazokwazi ukukhipha imali yabo, ikakhulukazi kulesi sikhathi sokuqala kwamaholide kaZibandlela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...