
ZIPHOQELEKE ukungabuyeli esikoleni izingane ezisabela impilo yazo esikoleni Isihlahlasenkosi High, kulandela ukungafinyelelwa esixazululweni phakathi kwezigodi ezingaboni ngasolinye – KwaMusi nasoNyango – KwaNongoma.
ILANGA lihambele kulesi sikole esibe sematheni ngonyaka odlule kulandela ukubulawa komfundi, okugcine kuholela ekutheni kuqubuke impi yezigodi. Lokhu kugcine kuholela ekutheni abafundi abebenza umatikuletsheni nyakeke bathuthelwe kwenye indawo, abagcine befundela kuyona ngenxa yokwesabela ukuphepha kwabo.
Izivivinyo zokuphela konyaka kulesi sikole ziphele isikole sesiqashwe ngamaphoyisa. NgoLwesithathu ngosuku lokuvulwa kwezikole leli phephandaba lifike kulesi sikole kukhona amaphoyisa nabazali babanye babafundi, zingabonwa nangalukhalo izingane eziqhamuka esigodini sasoNyango.
Uthishanhloko walesi sikole uMnu Phumuza Khumalo utshele leli phephandaba ukuthi kusukela bevulile bengothisha, iningi labazali basoNyango bacela izincwadi zokukhululwa kwezingane zabo kulesi sikole. Uthe kuyabakhathaza ukungabuyeli kwezingane esikoleni njengoba isikhona imizamo yokubuyisana phakathi kwalezi zigodi.
Uqhube ngokuthi banethemba lokuthi umhlangano wabazali ozoba khona maduze nje uzoqhamuka nesixazululo, izingane zibuyele esikoleni. ILANGA lihambele esigodini sasoNyango lapho lifice khona uMnu Ndaba Dlamini, okubeke kwacaca ukuthi beyisigodi bavumelene ukuthi kayikho ingane yasoNyango ezobuyela eSihlahlasenkosi.
Unxuse umnyango wezemfundo ukuba ungenelele ngokuthi ube nezindlela zokutholela izingane esinye isikole ngoba kaziphephile. Uthe unezingane ezimbili obekumele zibuyele kulesi sikole, eyodwa iyoqala umatikuletsheni kulo nyaka, kodwa ukhethe ukuzihlalisa phansi. “
“Esikudingayo wukuthi kuphothulwe izingxoxo zokubuyisana, kube nokuthula okuqinisekisiwe ngaphambi kokuba izingane zethu sizibuyisele. Okubuhlungu wukuthi lesi simo siphazamise nezingane emqondweni, okuzomele zihluzwe umqondo ukuze zikwazi ukubuyela kulesi sikole,” esho.
Abanye abazali abakhulume neLANGA, abanqabile nemininingwane yabo besabela impilo yabo, bakuqinisekisile ukuthi izingane zabo zihleli emakhaya.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu, uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi noNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya nobuHoli beNdabuko uMfu Thulasizwe Buthelezi sebeke bahlangana nalezi zigodi, bezama ukuthi zibuyisane.







