Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sizokhishwa ngesonto elizayo isigwebo kwelokubulawa kukaMagaqa

Sizokhishwa ngesonto elizayo isigwebo kwelokubulawa kukaMagaqa

by | 1 July 2025


INKANTOLO enkulu yaseMgungundlovu ukuhlehlisele umhla ka-7 kuNtulikazi (July) ukukhishwa kwesigwebo ecaleni lokubulawa kukaSindiso Magaqa, owayengunobhala-jikelele we-ANC Youth League.

USibusiso Ncengwa (37), owazivumelka yena ukuthi wadubula uMagaqa ngomhla ka-13 kuJulayi ngo-2017, bekufanele agwetshwe ngoMsombuluko. Inkantolo ibigcwele ichichima, kukhona umndeni kaMagaqa, ababengamaqabane akhe, noMengameli we-ANCYL kuZwelonke, uMnu Collen Malatji. Babukeke bedangele ngesikhathi kuhlehliswa ukukhishwa kwesigwebo.

Umfowabo kaMagaqa, uMnu Lwazi Magaqa, uthi bengumndeni kubahlukumeze kakhulu ukubulawa komfowabo, ngoba nguyena obebondla ekhaya, eMzimkhulu, futhi enezingane ezine ezibheke yena.


“Umama ungumuntu ogulayo, uvele akhale uma ebona udaba lokubulawa kukaSindiso ku-TV. Uze waphoqeleka ukuthi athengise indlu nezinkomo zikaSindiso, ukuze izingane zakhe zifunde,” kusho uLwazi.


UMalatji uthe nakanjani kufanele benzeke ubulungiswa ngodaba lokubulawa kukaMagaqa. Phakathi kwabantu umbulali kaMagaqa athi babanesandla, ubala uMnu Mluleki Ndobe, owayeyiMeya yaseMzikhulu, ongasekho emhlabeni.

UMagaqa wayesebhalele uMvikeli woMphakathi, emnxusa ukuthi aphenye ngehholo lomphakathi eMzimkhulu, okwase kuchithwe u-R33 million lilungiswa, kodwa ligapheli. UMagaqa washonela esibhedlela eThekwini.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...