Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sizokhishwa ngesonto elizayo isigwebo kwelokubulawa kukaMagaqa

Sizokhishwa ngesonto elizayo isigwebo kwelokubulawa kukaMagaqa

by | 1 July 2025


INKANTOLO enkulu yaseMgungundlovu ukuhlehlisele umhla ka-7 kuNtulikazi (July) ukukhishwa kwesigwebo ecaleni lokubulawa kukaSindiso Magaqa, owayengunobhala-jikelele we-ANC Youth League.

USibusiso Ncengwa (37), owazivumelka yena ukuthi wadubula uMagaqa ngomhla ka-13 kuJulayi ngo-2017, bekufanele agwetshwe ngoMsombuluko. Inkantolo ibigcwele ichichima, kukhona umndeni kaMagaqa, ababengamaqabane akhe, noMengameli we-ANCYL kuZwelonke, uMnu Collen Malatji. Babukeke bedangele ngesikhathi kuhlehliswa ukukhishwa kwesigwebo.

Umfowabo kaMagaqa, uMnu Lwazi Magaqa, uthi bengumndeni kubahlukumeze kakhulu ukubulawa komfowabo, ngoba nguyena obebondla ekhaya, eMzimkhulu, futhi enezingane ezine ezibheke yena.


“Umama ungumuntu ogulayo, uvele akhale uma ebona udaba lokubulawa kukaSindiso ku-TV. Uze waphoqeleka ukuthi athengise indlu nezinkomo zikaSindiso, ukuze izingane zakhe zifunde,” kusho uLwazi.


UMalatji uthe nakanjani kufanele benzeke ubulungiswa ngodaba lokubulawa kukaMagaqa. Phakathi kwabantu umbulali kaMagaqa athi babanesandla, ubala uMnu Mluleki Ndobe, owayeyiMeya yaseMzikhulu, ongasekho emhlabeni.

UMagaqa wayesebhalele uMvikeli woMphakathi, emnxusa ukuthi aphenye ngehholo lomphakathi eMzimkhulu, okwase kuchithwe u-R33 million lilungiswa, kodwa ligapheli. UMagaqa washonela esibhedlela eThekwini.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...