Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 ‘Lingihlukumezile ikhasi likaChris Excel’

‘Lingihlukumezile ikhasi likaChris Excel’

by | 16 April 2025


UTHI isimile impilo yakhe uBianca Coster ngenxa yomuntu othile osebenzisa isithombe sakhe ekhasini elithandwa ngabaningi kwi-X (Twitter) eliqanjwe ngoChris Excel.

UBianca uthi leli khasi elilandelwa ngabantu abangaphezulu kuka-3 million liyithikameze kakhulu impilo yakhe njengoba ezithola kumele achaze ngezinto ezifakwa kulona, ezinye ezisusa ukukhuluma.

“Kungani njalo kumele ngilokhu ngishintsha impilo yami ngenxa yalo muntu? Ubengasebenzisa noma yisiphi isithombe, noma esakhe, kodwa wafaka esami. Uyazi ukuthi izinto azibhalayo zingasusa uthuthuva, manje yimina osekumele abhekane nalokho,” esho.

Uthi useke wathola ukwelulekwa ngokomqondo ngenxa yokuhlukumezeka abekuthola kubantu ngenxa yaleli khasi. Uthe le nto imshaya nasemalini njengoba sekunzima ukuthola imisebenzi (njengoba eyi-infuencer) ngenxa yokuthi ubuso bakhe buyanyaniswa nekhasi likaChris Excel.

“Angikwazi ngisho ukuhamba ngokukhululeka eMall. Ngisanda kufudukela lapha eCape Town kodwa isimo siyazifanela naseGoli. Abanye abanesibindi beza kimi bathi ‘akuwena le ntombazane yakuTwitter’.”

Ukhale nangabantu abeseka uChris Excel ngisho eluveza udaba lokuhlukumezeka kwakhe.

“Angazi nokuthi yini embi engiyenzile njengoba abanye sebephendula ezintweni engiziphostayo, bekhulume konke okubi ngami. Akukho engikuhlomulayo mina ngalo Chris Excel. Mhlawumbe isono sami yikhona ukuthi ngicele ukuba kukhishwe isithombe sami.” not guilty, sodi (not guilty) izolo

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...