Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 ‘Lingihlukumezile ikhasi likaChris Excel’

‘Lingihlukumezile ikhasi likaChris Excel’

by | 16 April 2025


UTHI isimile impilo yakhe uBianca Coster ngenxa yomuntu othile osebenzisa isithombe sakhe ekhasini elithandwa ngabaningi kwi-X (Twitter) eliqanjwe ngoChris Excel.

UBianca uthi leli khasi elilandelwa ngabantu abangaphezulu kuka-3 million liyithikameze kakhulu impilo yakhe njengoba ezithola kumele achaze ngezinto ezifakwa kulona, ezinye ezisusa ukukhuluma.

“Kungani njalo kumele ngilokhu ngishintsha impilo yami ngenxa yalo muntu? Ubengasebenzisa noma yisiphi isithombe, noma esakhe, kodwa wafaka esami. Uyazi ukuthi izinto azibhalayo zingasusa uthuthuva, manje yimina osekumele abhekane nalokho,” esho.

Uthi useke wathola ukwelulekwa ngokomqondo ngenxa yokuhlukumezeka abekuthola kubantu ngenxa yaleli khasi. Uthe le nto imshaya nasemalini njengoba sekunzima ukuthola imisebenzi (njengoba eyi-infuencer) ngenxa yokuthi ubuso bakhe buyanyaniswa nekhasi likaChris Excel.

“Angikwazi ngisho ukuhamba ngokukhululeka eMall. Ngisanda kufudukela lapha eCape Town kodwa isimo siyazifanela naseGoli. Abanye abanesibindi beza kimi bathi ‘akuwena le ntombazane yakuTwitter’.”

Ukhale nangabantu abeseka uChris Excel ngisho eluveza udaba lokuhlukumezeka kwakhe.

“Angazi nokuthi yini embi engiyenzile njengoba abanye sebephendula ezintweni engiziphostayo, bekhulume konke okubi ngami. Akukho engikuhlomulayo mina ngalo Chris Excel. Mhlawumbe isono sami yikhona ukuthi ngicele ukuba kukhishwe isithombe sami.” not guilty, sodi (not guilty) izolo

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...