Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 U-OJ uthi akafuni ukuqhathaniswa neTLB

U-OJ uthi akafuni ukuqhathaniswa neTLB

by | 5 May 2026

UTHI akafuni ukuqhathaniswa noMbekezeli “TLB” Mbokazi – oyisilomo seBafana Bafana, odlala kwiChicago Fire, egijima kwiMajor Soccer League (MLS) yase-United States of America (USA) – uMbulelo “OJ” Mabizela, owazakhela udumo kwi-Orlando Pirates.

U-OJ – oyale iTLB ngokuthi ingalinge idakwe wudumo – uthe akafuni ukuziqhathanisa nayo ngoba badlale ngezikhathi ezahlukene, kodwa uyavuma ukuthi ingumdlali onekusasa eliqhakazile. UMbokazi njengoMabizela, bagqame kwiBucs, njengoba babengokaputeni bayo besebancane.

“Siyabona sonke ukuthi umfana uza kahle, futhi unekhono. Ikusasa liqhakazile, futhi ngikholwa wukuthi angazuza okukhulu kunami ebholeni. Engimeluleka ngakho, wukuthi kumele agade izindlela zakhe ngoba ibhola likuthatha likubeke ezingeni eliphezulu, lona futhi likugaklaze phansi.

“Kodwa lokho kuncike ekutheni wena uziphethe kanjani. Kumqoka ukuthi lo mfana azithobe, aqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla, abheke nabantu abasondela eduze kwakhe njengoba ehanjelwa kahle yizinto,” kusho uMabizela ekhuluma neLANGA emcimbini weThe Legends Music Experience eMgungundlovu ngeledlule.

UMabizela uxwayisa iTLB nje, eminyakeni edlule – engakafiki ngisho eminyakeni ewu-25 ubudala – wazithola esegixatshezwa ngesikhundla sobukaputeni kwiPirates, wayinqobisa isicoco seligi. Akumangalisanga ukumbona ethathwa yiTottenham Hotspur edlala kwi-English Premier League.

Ukwehluleka wukuziphatha kwenza waxoshwa kule kilabhu yase- England, wagcina esengumantunta nendishi emakilabhini aseNorway nawaseNingizimu Afrika, okubalwa kuwona iMamelodi Sundowns, iBidvest Wits, iPlatinum Stars, iMpumalanga Black Aces, i-Ajax Cape Town, AmaZulu FC neRoyal Eagles.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...