Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kugujwe ewu-50 kwasungulwa i-IFP

Kugujwe ewu-50 kwasungulwa i-IFP

by | 21 October 2025

UBUHANJELWE yizimeya zomasipala baKwaZulu-Natal umcimbi wokugujwa kweminyaka ewu-50 kwasungulwa i-IFP, obubanjelwe eJabulani, eSoweto, eGauteng, ngoMgqibelo.

Amalungu aleli qembu abephume ngobuningi bawo. Ubuholi balo kusukela emazikweni kuyofika kobukazwelonke, bebukhona. Phakathi kwabaholi abebekhona, kubalwa uMengameli waleli qembu uMnu Velenkosini Hlabisa (osesithombeni), uSihlalo walo uMnu Blessed Gwala, nabanye.

Ethula inkulumo uHlabisa, unxuse amalungu aleli qembu nezakhamizi zakuleli, ukuba zingavoti ngokulandela izinhliziyo kodwa zibhekisise kahle abantu okufanele bazihole emuva kokhetho lohulumeni basekhaya oluzobanjwa ngonyaka ozayo.

“Okubalulekile wukulungiselela ukhetho lwangonyaka ozayo, lapho abantu bakuleli bazophuma ngobuningi babo, bayokhetha abantu abafuna ukuholwa yibo. Siyiqembu elizishaya isifuba ngokuthi kusukela lasungulwa, alikaze liye emuva, kunalokho selokhu laba khona liyizwi labantu. Sinxusa abantu bakuleli ukuba babhekisise kahle uhlobo lwabaholi ababadingayo, kungabi wukuthi bavotela noma ngubani nje, ngaphandle kokubheka imuva labo,” esho.

USihlalo waleli qembu eGauteng, uMnu Bonginkosi Dlamini, uthe ukugunjwa kweminyaka ewu-50 lasungulwa leli qembu, kumenza akhumbule emuva.

“Ngikhumbula unyaka ka-1976 kuyona le ndawo. Ngalowo nyaka kwafika uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, ephethe ilambu lentuthuko yomuntu onsundu. Kusukela lapho kuze kube yinamuhla, leli qembu likhathalele ukuthuthukiswa kwabantu,” kusho uDlamini.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...