Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ubale amagama uRiveiro ephawula ngoSaleng

Ubale amagama uRiveiro ephawula ngoSaleng

by | 13 March 2025

UPHENDULE ngokukhulu ukucophelela umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro, ephawula ngodaba lukaMonnapule Saleng, osekuphele isikhathi eside engabonakali enkundleni ngenxa yezinkinga phakathi kwakhe nabaphathi bekilabhu.

USaleng ubevutha engabaselwe esigabeni sokuqala sesizini ka-2024/25 njengoba eshaye amagoli ayisihlanu emidlalweni ewu-13 okubalwa kuwona nakowamanqamu weMTN8 abawudlala neStellenbosch FC eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMfumfu (October) nyakenye.

Sekuyisikhashana uSaleng engabonwa ngisho ebhentshini kwiPirates. Ngokungabi bikho kwalesi sibabuli somdlali, uRiveiro uphoqeleke ukuthembela kuMohau Nkota obegijima kwinjejane yeziMnyama.

Ebuzwa ngodaba lukaSaleng, uRiveiro uthe uzophawula ngokucophelela ngoba “noma yini engingayisho ngalolu daba izodayisa amaphephandaba. Engingakusho nje wukuthi ngizifisela inhlanhla zombili izinhlaka ezithintekayo. Akuwona umsebenzi wami ukukhuluma ngezinto ezifana nalezi,” esho.

Uthe okwakhe wukugxila kubadlali abaphambi kwakhe, anikwe bona ukubasebenzisa. IBucs izobhekana neMamelodi Sundowns koweBetway Premiership ngeSonto ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...