Ilanga News
Home 9 Featured 9 Qiniseka ukuthi ingane kayichithi isikhathi esiningi efonini

Qiniseka ukuthi ingane kayichithi isikhathi esiningi efonini

by | 29 August 2026

UKUSHINTSHA kwezikhathi yinto esingeke siyigweme, kanjalo nokukuncika kwendlela esiphila ngayo ezintweni zesimanje njengobuchwepheshe bedijithali ne-inthanethi. Omakhalekhukhwini (nama-tablets) sebedlala indima emqoka emfundweni yanamhlanje.

Yingakho sanda isibalo sabazali abathengela izingane zabo ama-tablets ukuze zenze umsebenzi wesikole ekhaya (homework), noma zizifundele okwengeziwe ngesikhathi sazo emakhaya. Kule ngosi sizokhuluma ngezinto umzali angazenza ukuqinisekisa ukuphepha kwengane yakhe uma isebenzisa umakhalekhukhwini.

Ngaphandle kobugebengu ba-online (cybercrime) nokwebiwa kwemininingwane, ukugxila kakhulu kumakhalekhukhwini kungalimaza amehlo, noma kufundise ingane izinto ezingalungile. Lokhu kungenza ingane igcine isinokhwantalala noma isizenyeza. Yize isinqumo sokuthenga kungesomzali, ongoti baphakamisa ukuthi izingane zingasheshe zinikwe omakhalekhukhwini, ikakhulu uma singekho isimo esiphoqayo. Umakhalekhukhwini ungenza ingane yakho ibe yisisulu esilula emigulukudwini ezebenzisa i-inthanethi.

Ubuhle bamaselula ezinganeni
* Kuba lula ukuxhumana: Ingane iyakwazi ukuxhumana nomzali noma kunini. Lokhu kunyusa izinga lezokuphepha enganeni ngoba ingakutshela kalula uma kuvela isimo esiphuthumayo. Iselula iyakwazi nokulandeleleka ukuthi ikuphi nendawo.
* Kuba lula ukufunda izinto: Uma kunokuthile ingane engakuqondi kahle esikoleni, ingangena kuYoutube, ibukele ama-video acacisa leso sihloko.
* Ungasebenzisa iselula ukwenza ingane ilalele umyalelo: Isibonelo, ungathi enganeni, “ngiyayithatha lefoni yakho, uzoyithola uma sewenze lokhu nalokhu”.

Izingane ezisencane kaziwadingi ama-smartphone. Uma ingane idinga ukubuka into kwi-inthanethi, umzali angayifakela kweyakhe ifoni, iyibuyise uma isiqedile. Manje sekunama-smart TV, ingane ingafaka lokhu efuna ukukubuka, kubonwe yiwona wonke umuntu emndenini.

Okunye umzali angakwenza ukuvikela ingane
* Uma inhloso kuwukuxhumana nengane, ungathenga iselula engekho smart, edume ngelikabhopopo.
* Ifoni mayingasetshenziswa ngesikhathi sokulala: Ongoti bathi ziningi izingane ezilala sekuyosa, zilibele wukucofa amaselula. Lokhu kwenza zingakwazi ukulalela kahle esikoleni. Umzali angayithatha ifoni uma sekusondele isikhathi sokulala, ayibuyisele ingane ekuseni.
* Ifoni ayisetshenziswa ekilasini: Ngaphandle uma kusho uthisha, ingane akumele iphazanyiswe yifoni ekilasini. Kwezinye izikole akuvumelekile ukuthi umfundi atholakale nefoni emagcekeni azo.
* Beka isikhathi sokusebenzisa ifoni: Kumqoka ukubekela ingane isikhathi sokuthi izosebenzisa ifoni kangakanani osukwini. Uma mhlawumbe ubeke amahora amathathu, makube wukuthi uma sekuphele lawo mahora, uyayithatha uyibeke.
* Khuluma nengane yakho: Khuluma nengane ngokubaluleka kokuthi iselula ingaqedi isikhathi somndeni.
* Fundisa ingane ukuthi inganiki noma ngubani imininingwane yayo njenge-password, zithombe, igama nesibongo nendawo ehlala kuyo. Njengoba izingane sizifundisa ukungakhulumi nanoma ngubani, masizitshele zenze okufanayo na-online.
* Landelela ukuthi ingane iyenzani iselula: Kunama-program asiza umzali ukulawula ukuthi ingane kayifinyeleli ezintweni ezingalungile kwi-inthanethi. Uyakwazi ukuhlela ukuthi uma sekuphele isikhathi osibekile sokusebenza kweselula, izicishele, ngisho ingane isayisebenzisa. Isibonelo salawa ma-program yiScreen Time (Apple) neGoogle Family Link (Android).
* Ingane mayingabi nawo ama-akhawunti: Izingane, ikakhulu ezifunda emazingeni aphansi, kumele ziqashelwe ezinkundleni zokuxhumana. Ongoti bathi kakumele izivunyelwe ukuba nama-akhawunti njengakuFacebook, noma kuTikTok. Okuhle ngalezi zinkundla wukuthi uyakwazi ukungena kuzona, ubone ofuna ukukubuka ngaphandle kokuthi uze ube ne-akhawunti. Nakhona lokhu makwenzeke ngaphansi kweso lomzali.

Kuyiqiniso ukuthi izingane zanamuhla zihlakaniphile, futhi ezinye izinto zobuchwepheshe besimanje zizazi ukwedlula abazali bazo. Kungenzeka uzitshele ukuthi uqaphe konke ngeso lokhozi, kanti ingane iyakwazi ukungena ezintweni, ikufihlele. Yingakho kubalulekile ukwakha ubudlelwano obuhle nengane yakho, ukuze ingenqeni ukukhuluma nawe uma kunezinto ehlangabezana nazo eziyikhubayo kwi-inthanethi.
mdlomo@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...