Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uhlalele ovalweni unina kaTamara wodumo kuTik-Tok ‘owesatshiswayo’

Uhlalele ovalweni unina kaTamara wodumo kuTik-Tok ‘owesatshiswayo’

by | 28 February 2025

UPHOKOPHELA ukuyolungisa umuzi wakubo anikele nasezikoleni afunde kuzona, uNkz Ayanda “Tamara” Mzimela (25), osezakhele udumo enkundleni yokuxhumana iTik-Tok, ngemuva kokunikelelwa ngabalandeli bakhe bakule nkundla ngo-R52 000.

Le ntokazi yaseNembe, eMandeni, isizakhele ugazi kwabesilisa abasebenzisa iTik-Tok ngenxa yezinkulumo zayo (content) ezibavikelayo kwabesifazane ababafuna imali, okuyinto engehli kahle kwabesifazane.

Le ntokazi ibe sematheni emasontweni edlule ngemuva kwenkulumo yayo engehlanga kahle kwabesifazane abangaganile, kodwa abanezingane, okwasusa umsindo. Kule nkulumo uTamara uzwakala ethi: “Ngokwezinga (value) owesifazane osenomntwana akasefani nowesifazane oyitshitshi.”

Ngemuva kokuba sematheni kwakhe, kunqakiswana ngegama layo ezinkundleni zokuxhumana, ILANGA libe nengxoxo nale ntokazi ethi isazoqhubeka nezinkulumo zayo zalolu hlobo ngoba ikholwa wukuthi ziyafundisa.

“Ngalezi zinkulumo, ngiqondise ukuba khona kosiko lwesiZulu. Ngisho abadala bayazi ukuthi umuntu wesifazane osenengane akalotsholwa ngezinkomo ezilingana nezilobola itshitshi, lokho kakuyona imfihlo.

“Kawukwazi ukuhamba usola abantu ngamaphutha akho, uthi ufuna owesilisa oqokwe nguwena ekubeni abesilisa basuke sebekwenzela umusa.

“Manje abantu esikhundleni sokuthi bathathe engibeluleka ngakho, bafuna ukungehlulela ngezolo lami, kanti akumele kube njalo. Abantu mabafunde ukumela iqiniso,” kusho uTamara.

Ngemuva kwale nkulumo yakhe, idlanzana labesifazane liphume umkhankaso, lavundulula izithombe-mnyakazo (video) zakhe zakudala, elizihumushe ngokuthi akehlukile nalaba besifazane abagxekayo.

Kwesinye salezi zithombe-mnyakazo, uTamara uvela enowesilisa wokufika onesitolo, okuvele izinsolo zokuthi babesebudlelwaneni bezothando naye, kangangokuba baze bathola umntwana.

Ephawula ngalesi sithombe-mnyakazo, ukuchithile ukuthi wayesebudlelwaneni bezothando nalo wesilisa wokufika.

“Le video ngayishutha nowesilisa wangaphandle ngoba ngenza i-content, hhayi ngoba sithandana. Kuyiqiniso ukuthi nginayo ingane eneminyaka ewu-7, kodwa ngeyakwaMthethwa, akunjengoba besho ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngaqoma khona (kwaMthethwa) ngamisa iduku, nabo bawugeza umuzi wakithi, bahlawula, akukho cala elikhona ngabo. Abantu mabathathe engibatshela khona, bayeke engakwenza ngoba nami ngingumuntu njengabo.

“Lezi zinkulumo engizenza kwiTik-Tok, sezingidalele amazinyo abushelelezi, kodwa kangizisoli ngalokho, ngisazoqhubeka nazo. Ngisho umama ekhaya usehlalele ovalweni ngoba kukhona asebeqopha izinkulumo ezithi mangikhuzwe, bazithumele kuyena. Wonke umuntu osondelene nami, usesatshiswa ngezindlela eziningi ezahlukene,” esho.

Uthi inhlosongqangi yezinkulumo zakhe wukuthi umuntu osafuna ukuphila, aphile, onezingane noma ngabe zingaki alinde nazo, angahambi edlala abantu, nabesilisa bangadlali ngabesifazane abahlalele imali.

“Abaningi bayangeseka ngengikwenzayo njengoba kumanje iTeam Tamara (okuyigama labalandeli bakhe) isihlanganise u-R52 700. Ngale mali ngizoxhasa ezikoleni engifunde kuzona, bese ngiqedela umuzi wasekhaya. Ngosuku lwezithandani (Valentine) ngiphiwe u-R8 000,” esho.

UTamara ufunde eNembe Primary, KwaSola Secondary, naseMgandeni High. Uyise washona, usele nonina uNkk Sithembile Mzimela. Usebenza kwenye inkampani yonogada eGoli lapho enguController khona. Unengane eyodwa eneminyaka ewu-7.

Uqale lezi zinkulumo ngo-2023. KwiTik-Tok unabalandeli abawu-700 000 nama-likes awu-11 million. Echaza ngegama uTamara, uthi wayethi ubhala okuthile kwavela kwaqhasha lona, wabona selidumile, wasale eselisebenzisa.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...