Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ubanjwe wosomatekisi baseNkandla osolwa ngokundlwengula abafundi baseBizimali

Ubanjwe wosomatekisi baseNkandla osolwa ngokundlwengula abafundi baseBizimali

by | 19 May 2025

UTHUNGATHWE wosomatekisi baseNkandla KwaNgono, ngaphansi kweBhekisizwe Tax Association, umlisa osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali High School.

Kuthiwa osomatekisi bahlangane ndawonye ebusuku bayizolo ekhumbini eyodwa, balibangisa eTshelimnyama, ePinetown, eThekwini njengoba bese bethole umkhondo wokuthi umsolwa ubhace khona.

Bafike eThekwini basebenzisana namaphoyisa aseMarrianhill, wabanjwa umsolwa. Amacala abhekene naye avulwe esiteshini eKhombe, eNkandla. Bawu-3 abafundi abadlwengulwe kule nyanga, kanti kuthiwa abanye baphunyulile.

USihlalo wabukhosi bakwaNgono, uMnu Slomo Ntuli, obuye abengusomatekisi kuyona le ndawo, uthi basebenze ngokuzikhandla ngoba bevikela isizwe senkosi nesikole esiqanjwe ngoyisemkhulu.


“Asilalanga ebusuku ngoba besibona ukuthi isizwe sihleli kabuhlungu,” esho

mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...