Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ubanjwe wosomatekisi baseNkandla osolwa ngokundlwengula abafundi baseBizimali

Ubanjwe wosomatekisi baseNkandla osolwa ngokundlwengula abafundi baseBizimali

by | 19 May 2025

UTHUNGATHWE wosomatekisi baseNkandla KwaNgono, ngaphansi kweBhekisizwe Tax Association, umlisa osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali High School.

Kuthiwa osomatekisi bahlangane ndawonye ebusuku bayizolo ekhumbini eyodwa, balibangisa eTshelimnyama, ePinetown, eThekwini njengoba bese bethole umkhondo wokuthi umsolwa ubhace khona.

Bafike eThekwini basebenzisana namaphoyisa aseMarrianhill, wabanjwa umsolwa. Amacala abhekene naye avulwe esiteshini eKhombe, eNkandla. Bawu-3 abafundi abadlwengulwe kule nyanga, kanti kuthiwa abanye baphunyulile.

USihlalo wabukhosi bakwaNgono, uMnu Slomo Ntuli, obuye abengusomatekisi kuyona le ndawo, uthi basebenze ngokuzikhandla ngoba bevikela isizwe senkosi nesikole esiqanjwe ngoyisemkhulu.


“Asilalanga ebusuku ngoba besibona ukuthi isizwe sihleli kabuhlungu,” esho

mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...