Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubelethele erenki, etekisini esendleleni eya esibhedlela

Ubelethele erenki, etekisini esendleleni eya esibhedlela

by | 5 August 2026

KUZWAKALE ubumayemaye erenki yamatekisi eVerulam ekuseni ngoLwesithathu, ngesikhathi owesifazane osemncane, ebeletha ingane phakathi etekisini.

Kuthiwa itekisi ibilayisha erenki ngesikhathi lona wesifazane eneminyaka ewu-27, esesikwa kakhulu. Itekisi ibilayisha abantu abaya esibhedlela oSindisweni, ingakagcwali ngesikhathi esexineka kakhulu lona wesifazane.
Kuthiwa abagibeli, bakhishiwe etekisini, ngesikhathi lona wesifazane ezibelethela, ngezithuba zehora leshumi, ekuseni.

Kubizwe abezimo eziphuthumayo, bakwaReaction Unit South Africa (Rusa) abafike esezibelethele lona wesifazane, wathathwa yibona wasiwa esibhedlela lapho abevele eya khona.

Kuthiwa unina wosana nosana lwakhe, basesimeni esihle, esibhedlela oSindisweni, lapho bedluliselwe khona, ngemuva kokubelethela etekisini erenki.

CAPTION: Abezimo eziphuthumayo, bakwaRUSA- bahlola usana olubelethelwe etekisini erenki, ngaphambi kokulwedlulisela esibhedlela, oSindisweni. ISITHOMBE SITHUNYELWE.

MENZI JELE

OWESIFAZANE UBELETHELE ETEKISINI ERENKI.

Ezisematheni

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...