
UBEYIKHOMBISA nasekhaya azalwa kulona intobeko umculi kamaskandi oshone ngokuzuma engozini yemoto eyenzeke ngoMgqibelo ebusuku eRichards Bay.
Umndeni kaScebi “Inkosi Yamagcokama” Dlamini, uveze lokhu kuleliphephandaba ngesikhathi lihambele ekhaya kubo endaweni yakwaKopi eMachunwini eMsinga ngeSonto.
Ilungu lomndeni elingathandanga ukuvezwa lithe inhlonipho ebekade aziwa ngayo endimeni yomculo, iyafana nasekhaya kubo.
Lithe ubewuthanda umndeni wakhe.
“Bekungumuntu ongazwani nokukhuluma, ethanda ukuzihlekela,” kusho ilungu lomndeni.
UMnu Mhlayifani Dlamini onguyise omncane walo mculi, uthe akukho okuningi abazokhuluma ngalesi sigameko ngoba basakhungathekile.
“Okuningi sizokwazi ukukhuluma ngakho ngoLwesithathu uma sesihlanganisile namakhanda siwumndeni,” kusho uMnu Dlamini.

Uthe ngesikhathi bethola ucingo obelubazisa ngalesi sigameko, bavuke phakathi kwamabili ebusuku baya eRichards Bay nakuba befike selidume ledlula.
INkosi Yamagcokama ishonele endaweni yesigameko kanti igidangoma layo uSipho “Gupter” Mchunu ushonele esibhedlela. Abanye ababili basalashwa esibhedlela kubanjwe umoya.
Kulaba abalashwayo, omunye wabo uzalwa uyise omncane uMnu Mhlayifani.
Lo mculi bekade bebabili bakwabo, ulama udadewabo, kanti abazali abasekho emhlabeni. UMnyango wezokuThutha kwaZulu-Natal uthe usaphenya ngokwenzikile ngale ngozi.







