Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Zimkhalele ‘obulale’ intombi ngosuku lwezithandani

Zimkhalele ‘obulale’ intombi ngosuku lwezithandani

by | 20 February 2026


UBULAWE ngesihluku ngosuku lwezithandani yisoka lakhe, owesifazane waseVuna, KwaNongoma, ophume kubo eluthwa yisoka ngokuthi limtholele umsebe-nzi eThekwini. UNkz Nokwanda Mngomezulu (21), kuthiwa uklinywe wabulawa yisoka lakhe ngoMgqibelo ezintathakusa, emjondolo yaseDakota, eSiphingo, eThekwini, ngemuva kokuba efone-lwe ngowesilisa okuthiwa ubethandana naye.


ILANGA lithole ukuthi uNkz Mngomezulu ubulawa yisoka lakhe nje, ubesanda kulivulela icala nje-ngoba like lazama ukumbulala ngokumklinya, emasontweni edlule.
Kubikwa ukuthi liqede ukumbulala ngabo 3 ekuseni, lasishiya kanjalo isidumbu sakhe, lagibela itekisi yokuqala ebheke kwaNongoma, layo-bhaca ngakubo kamufi.


Kuthiwa nakuba ligcine libanjiwe, kusize ukungenelela kwekhansela lakuwadi 14, kwaNongoma, uMnu Smangaliso Mbatha, ozibambele mathupha umsolwa lapho ebebhace khona, maqede wafonela amapho-yisa.
ILANGA lihambele kubo kamufi, laxoxa nomngani wakhe, uNkz Thabisile Zulu, olitshele ukuthi umufi ubevele engasahleli kahle nomsolwa, ingxabano iqale ukushuba ngoZibandlela (December).


Uthi indaba iqale ngemuva kokuba umufi ehambe wayohlala eGoli, kusolakala ukuthi ufike wathola isoka elisha.
Uthi umufi ubuye ekhaya ngama-holide kaZibandlela, umsolwa waqaphela ukuthi umufi usenesoka elisha, kwaqala izinkinga othandweni lwabo.


Kuthiwa umsolwa ubengaqali uku-mklinya. uke wamklinya phambilini. Kuthiwa umufi ubevele efakele umsolwa incwadi emvimbayo ukuba asondele eduze kwakhe.
“Okusixakayo wukuthi umufi ngu-yena osuke waya kulona isoka lakhe, yize ebelibophile.
“Uqale wahamba ngoLwesine eyolivakashela eThekwini ngemuva kokuba limfonelile, kodwa ujike endleleni, ekhala ngokuthi igazi lakhe liphansi, akazizwa kahle.


“Ngakusasa ngoLwesihlanu, ube esegibela elibhekise eThekwini, okuyilapho efike waphelela khona,” echaza.
Kubikwa ukuthi ingxabano phaka-thi kukamufi nomsolwa, isuke ngemuva kokungena kwe-video call, phakathi kwamabili, kufona owesilisa. Kuthiwa umsolwa uthukuthele wagana unwabu, qede waklinya umufi, wambulala.


ILANGA kune-video elithunyelelwe yona, obekuzwakala izwi lomsolwa ngaphambi kokuba aboshwe, echazela isihlobo sakhe ‘ngento embi aseye-nzile’, yokuklinya abulale intombi yakhe, ezisola ngento aseyenzile.
ILANGA likhulume noMbatha, obonge umphakathi ngokusukumela phezulu lolu daba, njengoba ethi usize kakhulu ngomkhondo wokuthola umsolwa.


“Ngilunywe indlebe ukuba ngiphu-thume ngizobheka umsolwa, ngenhla-nhla ngimficile, ngabe sengimthatha, ngamhambisa emaphoyiseni kwa-Nongoma,”esho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa abophe umsolwa oyedwa ngecala lokubulala elenzeke eSiphi-ngo.
Uthi umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo maduze ngecala abhekene nalo.
hudla@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...