Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Usolwazi ucacisa ngomcimbi womkhehlo

Usolwazi ucacisa ngomcimbi womkhehlo

by | 10 January 2025

IMIBIKO yaleli phephandaba yokuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sizokhehla ingoduso yaso uNdlunkulu uNomzamo “Masesi” Myeni, ishiye abaningi bedidekile njengoba bethi bona bazi ukuthi umuntu onengane akakhehlwa.

Isazi samasiko uSolwazi Sihawu Ngubane, osebenza e-University of KwaZulu-Natal, uthi umkhehlo ungomunye wemikhuba eyenziwa ngokwehlukana kwezindawo.

“Kufanele sikhumbule ukuthi kwezinye izigodi kunemikhuba noma amasiko enziwa ngendlela ehlukile, kuya ngomthetho wenduna nenkosi yakuleso sigodi ukuthi bafuna kwenziwe kanjani. Umkhehlo uyefana nomcimbi wokuthembisa (engagement), njengoba umkhwenyana esuke ethembisa ingoduso yakhe ukuthi uzoyishada kumnyama kubomvu,” esho.

Uthi umkhehlo kawenziwa kabili. Uthi uma kukhona owesilisa osewake wakukhehla phambilini, ngeke usakwazi ukuphinda wenzelwe wona.

“Kufana nentombi uma seyake yakhipha ucu, kayikwazi ukulukhipha kabili. Uma ike yalukhipha kakwaze kwahamba kahle lapho kuleyo nsizwa ebeyiyinike lona, kayibe isalukhipha okwesibili uma isiqoma futhi. Nawo-ke umkhehlo, ingoduso kayikhehlwa kabili,” esho.

Kuzokhumbuleka ukuthi njengamanje esigodini saseMakhonyeni, eJozini, kuyaphithizela ngamalungiselelo njengoba ngomhla ka-24 kwephezulu, kuzoba nendumezulu yomcimbi lapho iSilo sizokhehla uMaMyeni.

Ngemuva komkhehlo, kuzokuba nomgcagco KwaKhangelamankengane ngomhla ka-26 kuyona le nyanga. Ngokusho kukaSolwazi Ngubane, emkhehlweni kusuke kuhanjiselwa umakoti izipho okuyilapho egqokiswa khona, afakwe nomhlonipho.

“Ukuba kuseyisikhathi sakudala ngabe ugqoka isidwaba ukukhombisa nezesheli ukuthi useyingoduso yomunye umuntu,” esho.

Kuzokhumbuleka ukuthi ukuvela kwezindaba zokuganwa kweSilo nguMaMyeni, kakwehlanga kahle kwabaningi njengoba kwabikwa ukuthi usenezingane.

ISilo sakubeka kwacaca ukuthi uMaMyeni ungowaso, ukhethwe yisona, abantu mabangazikhathazi ngobudlelwano babo. Kulungiselelwa umshado kaMaMyeni nje, sekuvele imibiko yokuthi iSilo siyahlukanisa nomunye woNdlunkulu baso ongadaluliwe ngoba kuvikelwa izingane zabo.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...