Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

by | 21 August 2026

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo.

UMokwele obesolwa ngokuqashwa ngokuqashwa ngokungemthetho emaphoyiseni uchaze izinyanga eziyisikhombisa ebhekene naleli cala njengezibe nzima kakhulu empilweni yakhe. Uthe uyabonga ukuthi ekugcineni ubulungiswa yibona obuphumelelile.

Uthe bekungelula nokuya nasemsebenzini njengoba bekumele ame isibindi abhekane nozakwabo nomphakathi jikelele kwazise bekukuningi obekubikwa ngaye ngalesi sikhathi.

Uthe ubonga uMkhwanazi ngokubeka impilo yakhe engcupheni ngokuphumela obala ngamanyundululu abeqhubeka ngaphakathi kwinhgalo yomthetho.

Uthe kungena yesibindi sakhe sokuphumela obala ukuthi bakwazile ukuthi bathole ubulungiswa ngamacala ebebebhekene nawo.

Uqhube ngokuthi ume bekungekona ukwenza kukaMkhwanazi akazi noma bebezogcina belahlwa ngamacala bugcine bungavelanga ubulungiswa.

UMokwele uphinde wabonga umndeni wakhe nabo bonke abamesekile ngalesi sikhathi ebhekene nala macala.

Uphinde waveza ukuthi nakuba leli cala seliphelile kodwa akuphelile ngalo njengoba esazohlala nethimba labameli bakhe ukubheka indlela eya phambili.

Ngakolunye uhlangothi uKhumalo ushaye ngamafuphi waveza ukuthi uzimisele ukuqhubeka nomsebenzi awuqashelwe ukuvikela abantu baseNingizimu Afrika.

Ukuhoxiswa kwala macala kulandela ubufakazi obuvele kwiKhomishini kaMadlanga lapho kuvele khona ukuthi kube uphiko oluphenya ngenkohlakalo i-IDAC labophela amanqina enyathi ezinye izikhulu zamaphoyisa.

Kule khomishini kwavela ukuthi kwaba netulo lokubheca ngobende inyama bengayadlanga ezinye izikhulu zamaphoyisa okukhona uKhumalo, uMokwele nezinye.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...

Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

KUQHAKANJISWE amagalelo kowagqama ngokusabalalisa inyunyana yothisha nakwezinye izifundazwe ngenxa yokwazi kwakhe ukukhuluma zonke izilimi zakuleli, ngesikhathi engcwatshwa ngoMgqibelo. UMnu Velaphi Ndlovu owayayisekela lowayenguMengameli weNational Teachers Union...