Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UMasipala weTheku nomkhankaso wabaphila nokukhubazeka

UMasipala weTheku nomkhankaso wabaphila nokukhubazeka

by | 20 November 2025

UMASIPALA weTheku wethule umkhankaso wokukhuthaza abantu abathungatha umsebenzi, abaphila nokukhubazeka, ukushesha baphumele obala ngesimo sabo, bangalindi kuze kufike isikhathi senhlolokhono.

Lo mkhankaso uqhamuka ngesikhathi lapho iNingizimu Afrika igubha inyanga kaLwezi (November), ethathwa njengeyokuqwashisa ngamalungelo abantu abaphila nokukhubazeka. Lo masipala uthi uzimisele ukuphuma inqina, ukhuthaze abaphila nokukhubazeka ukungazenyezi, futhi bangafihli uma kukhona ukukhubazeka abaphila nakho.

UMnu Sihle Mkhize, onguMqondisi ehhovisi lakwandabazabantu kuMasipala weTheku, uthe bathola izinkulungwane zezicelo zomsebenzi eziqhamuka kubantu abaphila nokukhubazeka, kodwa ezisuke zingagcwaliswanga esikhaleni sokudalula ukukhubazeka kwabo.

“Esikhathini esiningi, sivamise ukuthola ukuthi umuntu uphila nokukhubazeka uma esebizelwe inhlolokhono, okanye eseqashiwe, okwenza kube nzima ukumhlelela ngendlela efanele uhlelo lokusebenza oluhambisana nokukhubazeka kwakhe, futhi athole nokwesekwa okufanele,” esho.

Uthe uma njengabaqashi bazi ukuthi isisebenzi esithile sinakuphi ukukhubazeka, kuba lula kubona ukulandela imigudu efanele, ehambi-sana nomthetho wezisebenzi ovikela abakhubazekile.

“Siyakwazi ukubahlelela indawo yokusebenza elungele ukuthi bakwazi ukungena nokuphuma, ngaphandle kokuzizwa becindezelekile, noma becwaseka. Sisuke sifuna ukuba bazizwe behloniphekile futhi benesithunzi njengezisebenzi ezisemthethweni,” esho.

Uthe umasipala uzimisele ukuwuqinisa lo mkhankaso, futhi ufundise nomphakathi ngezindlela zokuphilisana nabantu abaphila nokukhubazeka. Ukhuthaze abaphila nokukhubazeka ukuba baqhubeke nokufaka izicelo zomsebenzi kulo masipala futhi basebenzise ukukhubazeka kwabo ngendlela engakhombisi ukuthi bafuna ukuzwelwa, njengoba bengaba-mba iqhaza elimqoka emsebenzini.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...