Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Uboshiwe owesilisa kwelokudlwengula nokubulala umfana (8)

Uboshiwe owesilisa kwelokudlwengula nokubulala umfana (8)

by | 27 September 2026

ZIMKHALELE owesilisa (24) othweswe icala lokubulala umfana (8) waseSidweni, eNgonyameni , okuthiwa waqala ngokumdlwengula ngaphambi kokuba amshaye ekhanda washona.


Ummangalelwa, uMnu Siyanda Ntuli (24) ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngecala lokubulala u-Athandwa Mathe (8) otholwe ebulewe ehlathini eduze kwakubo kade ehamba nomfowabo nomngani emasontweni amathathu edlule. UNtuli uthweswe amacala amathathu, okungelokuthumba, ukudlwengula nokubulala.


Enkantolo eMlazi bekugcwele phama abantu bezolalela leli cala okuthe uma lihlehla baphuma bonke nokwenze kwacaca ukuthi bebezele lona.
UNtuli okuthiwa waziyela yena esibhedlela emva kokuzwa ukuthi ufunwa amaphoyisa, kuthiwa wafika wabhalisa ukuthi uphanjanelwa yikhanda, kodwa wahlonzwa wudokotela ukuthi akanalutho uyazenzisa. Umndeni wakhe kuthiwa iwona otshele amaphoyisa ukuthi usesibhedlela eRK Khan njengoba kuthiwa ubesebalekile ekhaya ehlala ehlathini.


Kuthiwa emaphoyiseni useyacula njengoba kuvela ukuthi uzisholo yena ukuthi wabulala lo mfana waze wayowakhombisa nendawo yesigameko. Enkantolo uthe uzozimela kodwa iMantshi uMnu Sandile Ngidi, wathi amacala abhekene nawo mabi kakhulu kuzomele athole ummeli, okuthiwe uzomthola uma esebuya enkantolo kuleli sonto, njengoba ezomelwa ngowombuso.
Okwamanje akakasifaki isicelo sebheyili kodwa uMshushusi uMnu Siduduzo Ntshayintshayi, uthe basalinde ukuthi abanike ikheli le ndawo azohlala kuyona uma kwenzeka ededelwa ngebheyili ngoba akuphephile kubo njengoba umphakathi ubukeka umthukuthelele.
Unina ka-Athandwa, uNkz Ntokozo Mathe (24), utshele ILANGA ukuthi noma eboshiwe uNtuli uyahluleka ukumxolela ngento okuthiwa uyenze enganeni yakhe.
“Noma ngingeke ngenze lutho kodwa into ezongikhulula ukumbona eshona emgodini ngebhokisi njengengane yami. Angazi ukuthi yini le angizondela yona ukuthi angaze angizwise ubuhlungu obungaka. Kumanje umfana wami omncane (4) owabona kubulawa umfowabo usabukeka edidekile namanje. Sisazophindela kumaSocial worker (osonhlalakahle) njengoba elulekwa ngokomqondo.

Usahluleka ngisho ukuchaza okwenzeka ngendlela asabukeka ethuke ngayo. AmaSocial Worker iwona athe azokwazi ukumenzisa isitatimende. Into akwaze ukuyenza ukukhomba umuntu owabulala umfowabo. Lo omunye umngani wabo (5) ababehamba naye wakamakhelwane, ukwazile ukubhala isitatimende wachaza konke okwenzeka. Noma umbuza ulokhu emile entweni ayibhalise emaphoyiseni,” esho.
Umndeni kaNtuli ubukhona enkantolo kodwa awubhekani nowakwaMathe. Kuthiwa abakubo kaNtuli sebeke baya kaMathe beyoxolisa ngokuthiwa kwenziwe yindodana yabo kodwa abakaMathe abafune lutho oluzobaxhumanisa.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...