IQEMBU lepolitiki i-Action SA isimemezelo, uMnu Sipho Zungu ongena emjahweni wesikhundla sokuba yiMeya yakwaDukuza emva kokulaxazwa ngobephakanyiswe yileli qembu kulo masipala wajoyina iDemocratic Allience, asephakanyiswe kuyona njengozongenela esobumeya.

Esithangamini sabezindaba ebesikwaDukuza ngoLwesibili (namuhla), uSihlalo we-Action SA kwaZulu-Natal, uMnu Zwakele, umemezele uZungu njengomuntu okunguyena asebemqokile ukuthi angene embangweni wesikhundla sokuba yimeya yakwaDukuza.
UMncwango uqale wakhuluma ngokushiywa kwabo nguMnu Halalisani Ndlovu, athe izizathu zokushiya kwakhe zaziwa uyena bona abazi lutho.
“Noma ehambile uNdlovu akusikhathazi lokho. Akukhona ukuphela komhlaba ngokuhamba kwakhe. Baningi abanye abantu abangaba kulesi sikhundla. Cisho bonke laba enibabonayo bakulungele ukuthi bangangenela lesi sikhundla. Ngicela ningivumele ngiphakamise esesimqokile ukuthi uzongenela esokuba yimeya yakwaDukuza ngaphansi kwe-Action SA, okuwuMnu Sipho Zungu,” esho.
I-Action SA ibisanda kumemezela abazongena emjahweni wokuba yimeya komasipala abehlukene obekukhona kubona noMnu Halalisani Ndlovu obengenele esokuba yimeya yakwaDukuza. Bekungakapheli sikhathi esingakanani, iDemocratic Allience yaphinde yamemezela yena uMnu Halalisani Ndlovu ukuthi uzoba yimeya yakwaDukuza ngaphansi kwayo.
I-Action ibingakaze iphawule ngokuhamba kwakhe.
Ekhuluma kwiVuma 103 FM, uMnu Halalisani Ndlovu uthe ngesikhathi emenyezelwa kwi-Action SA kwakungekho emqondweni wakhe ukuthi kungenzeka ayishiye ngokushesha.
Uthe ubesehlale ne-Action SA iminyaka emithathu bezama ukuyiyisa phambili kodwa wathola ukuthi ikhungethwe yizinkinga eziningi, yingakho egcine ewelela kwiDA.
tndlovu@ilanganews.co.za







