Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Weqe esitokisini osolwa ngokudlwengula

Weqe esitokisini osolwa ngokudlwengula

by | 20 May 2025

WEQE ezitokisini izolo ebusuku osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali High School, eNkandla. Lokhu kuqinisekiswe okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda.

Umsolwa ubeboshwe esiteshini samaphoyisa esiseMarianhill eThekwini izolo ngoMsombuluko emuva kokuba ethungathwe wosomatekisi baseNkandla ngaphansi kweBhekisizwe Tax Association bamthola eTshelimnyama, ePinetown base belekelelwa amaphoyisa akule ndawo ukuba abanjwe.

UColonel Netshiunda utshele ILANGA ukuthi umsolwa oneminyaka ewu-28 ubudala, weqe ebusuku. Uthi ukhale ngesifo i-Asthma wabe esequleka. Uthi ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumsiza, weqe waphulukundlela wabaleka wangena endaweni emnyama wangabe esatholakala.


“Amaphoyisa aphume izinkalo afuna umsolwa. Sekuhlanganiswe ithimba ukuthi limthungathe,” kusho uNetshiunda. Uthe amacala okudlwengula abikwe eKhombe.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...