Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Weqe esitokisini osolwa ngokudlwengula

Weqe esitokisini osolwa ngokudlwengula

by | 20 May 2025

WEQE ezitokisini izolo ebusuku osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali High School, eNkandla. Lokhu kuqinisekiswe okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda.

Umsolwa ubeboshwe esiteshini samaphoyisa esiseMarianhill eThekwini izolo ngoMsombuluko emuva kokuba ethungathwe wosomatekisi baseNkandla ngaphansi kweBhekisizwe Tax Association bamthola eTshelimnyama, ePinetown base belekelelwa amaphoyisa akule ndawo ukuba abanjwe.

UColonel Netshiunda utshele ILANGA ukuthi umsolwa oneminyaka ewu-28 ubudala, weqe ebusuku. Uthi ukhale ngesifo i-Asthma wabe esequleka. Uthi ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumsiza, weqe waphulukundlela wabaleka wangena endaweni emnyama wangabe esatholakala.


“Amaphoyisa aphume izinkalo afuna umsolwa. Sekuhlanganiswe ithimba ukuthi limthungathe,” kusho uNetshiunda. Uthe amacala okudlwengula abikwe eKhombe.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...