Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umnyango ucacisa eka-31 million osetshenziswe kuyobukwa indebe yomhlaba

Umnyango ucacisa eka-31 million osetshenziswe kuyobukwa indebe yomhlaba

by | 17 July 2026

NGUMNU Gayto McKenzie onguNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko.

UMNYANGO wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, ucacisa ngetshe lemali okuthiwa uyisebenzise ukuhambisa abantu ukuhambela imidlalo yeNdebe yoMhlaba yeFifa yakulo nyaka ebisemazweni amathathu, okuyiMexico, yiCanada neMelika.

Lokhu kulandela isikhalo samaqembu ezombusazwe ePhalamende ngokusetshenziswa kwemali ecela ku-31 million, ukuhambela le midlalo. Lo mnyango uthi le mali isetshenziswe ngendlela efanele njengoba kuyiyo ekhokhele zonke izindleko zohambo.

Uthi phakathi kwezinto ozikhokhele yimali yamabhanoyi, amathikithi okubuka imidlalo, yizindawo zokuhlala, okwahlala kuzo uNgqongqoshe walo mnyango uMnu Gayton McKenzie, abasizi bakhe ababili, umqondisi-jikelele womnyango nezisebenzi eziwu-14.

Lo myango uthi nakuba ungakakuphothuli ukubala imali esetshenziswe ngumuntu ngamunye, kodwa unesiqiniseko sokuthi yonke imali isetshenziswe ngendlela efanele.

“Sifisa ukucacisa ukuthi akuwona wonke umuntu okhokhelwe wumbuso kulolu hambo. Enye yale mali beyiphuma kubaxhasi esisebenzisana nabo,” kusho umnyango.

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...