Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umnyango ucacisa eka-31 million osetshenziswe kuyobukwa indebe yomhlaba

Umnyango ucacisa eka-31 million osetshenziswe kuyobukwa indebe yomhlaba

by | 17 July 2026

NGUMNU Gayto McKenzie onguNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko.

UMNYANGO wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, ucacisa ngetshe lemali okuthiwa uyisebenzise ukuhambisa abantu ukuhambela imidlalo yeNdebe yoMhlaba yeFifa yakulo nyaka ebisemazweni amathathu, okuyiMexico, yiCanada neMelika.

Lokhu kulandela isikhalo samaqembu ezombusazwe ePhalamende ngokusetshenziswa kwemali ecela ku-31 million, ukuhambela le midlalo. Lo mnyango uthi le mali isetshenziswe ngendlela efanele njengoba kuyiyo ekhokhele zonke izindleko zohambo.

Uthi phakathi kwezinto ozikhokhele yimali yamabhanoyi, amathikithi okubuka imidlalo, yizindawo zokuhlala, okwahlala kuzo uNgqongqoshe walo mnyango uMnu Gayton McKenzie, abasizi bakhe ababili, umqondisi-jikelele womnyango nezisebenzi eziwu-14.

Lo myango uthi nakuba ungakakuphothuli ukubala imali esetshenziswe ngumuntu ngamunye, kodwa unesiqiniseko sokuthi yonke imali isetshenziswe ngendlela efanele.

“Sifisa ukucacisa ukuthi akuwona wonke umuntu okhokhelwe wumbuso kulolu hambo. Enye yale mali beyiphuma kubaxhasi esisebenzisana nabo,” kusho umnyango.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...