
KUBHEKWE ukuthi uhehe izihambeli zamazinga ahlukene umcimbi iVibe2000 Weekend Getaway ozobanjelwa ehhotela elisezingeni iLa Clef Boutique elingaseMgungundlovu maphakathi nesifundazwe ngempelasonto yomhla ka20 no21 kwephezulu.
Lo mcimbi uzobe ugabe ngomculo, ukudla nemfashini njengoba kuzobe kungokokuqala wenzeka kulo nyaka.
UNkz Sithembile Magwaza ongomunye wabaphathi baleli hhotela ngokubambisana nomyeni wakhe uMnu Lunga Magwaza uthe ngalesi sikhathi sonyaka ayikho imicimbi ejabulisa abantu abasuke bevakashe maphakathi nesifundazwe ngalesi sikhathi sonyaka. Uveze ukuthi babone kungcono ukuthi basebenzisane nenkampani iVibe 2000 ukuhlela umcimbi walolu hlobo.
Uthe njengoba benehhotela elikhombisa ukukhula ngesivinini babone kungcono ukuthi babambisane nale nkampani njengoba inamava okuhlela imicimbi yalolu hlobo.
UBonga Kwilitsha wenkampani iVibe 2000 uthe ngalo mcimbi bafuna abantu bajabule ngalesi sikhathi sonyaka.
Uthe bazobe bebophele oDJ abazobe bedlala umculo opholile ozokwazi ukwenza abanttu bajabule bejabulela le mpelasonto ezobe egabe ngezinto ezahlukene.
Ubale izibiliboco ezahlukene abantu abazozitika ngazo uma sebetheleke ngobuningi kulo mcimbi futhi baphinde bathokozele nemfashini nokunye abakuhlelile ngale mpelasonto eyandulela uKhisimusi.
Amathikithi okuzothokoza kulo mcimbi aseqalile ukutholakala eWebtickets ngoR1200 noR1950.
UNkk Magwaza uveze ukuthi leli hhotela linezindawo zokulala ezinhle futhi abantu abangakwazi ukuziqasha uma befuna ukuzoshaywa wumoya opholile maphakathi nalesi sifundazwe.
Leli hhotela like laba sematheni ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha KwaZulu Natal uMfu Musa Zondi ethula izinhlelo zamaholidi ehlobo kulona.
Umcimbi wokwethulwa kwalezi zinhlelo wenzelwa kulona leli hhotela njengoba nezicukuthwane ezabe zihambele lo mcimbi zakwazi ukuzibonela ubuhle balo nendawo enhle eyingadi ekhona ngaphakathi kulona.
Phakathi kwezicukuthwane ezabe zikhona kulo mcimbi kubalwa uSihlalo webhodi leKwaZulu Natal Tourism and Film Authority uDkt Sbu Ndebele, umlingisi woZalo uThuthuka Mthembu, umculi uMsiholiq nezinye izikhulu zikahulumeni nomasipala.
Indawo emaphakathi neKwaZulu Natal ingenye ebalwa neheha kakhulu izivakashi ngalesi sikhathi sonyaka njengoba igabe ngezindawo ezahlukene ezingathokozelwa ngabantu abahlukene.







