Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UZimdollar uphumela obala ngokumfake emakhanjini esintu

UZimdollar uphumela obala ngokumfake emakhanjini esintu

by | 15 March 2026

USEZINIKELE ekucubunguleni amakhambi esintu ukwelapha abantu, umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela. Lokhu usekubonakalise ngokuvula amakhemisi ezitolo zamakhambi esintu KwaZulu-Natal naseGauteng, ezibizwa ngeKwaMamkhulu UKM Organics.

UZimdollar uthi ukugula kwabantu ezweni, bebanjwe yizifo ezincane njengomhlume, kumenze wahluza umqondo, wazihlupha ngokucwaninga ngamakhambi esintu. Utshele ILANGA ukuthi nasesiswini sikanina, kukhona abadlulile emhlabeni, okubalwa iwele lakhe ngenxa yezifo ebezingalapheka.

“Isikhathi sami esiningi sengisichitha ngokwenza ucwaningo lwamakhambi asebenzayo, ikakhulukazi lawa akhiqizwa kwamanye amazwe, ngoba yiwona anamandla kakhulu. Uma sengilwenzile ucwaningo, ngiyawalanda, ngiwasabalalise kuwona wonke amagatsha ami,” kusho uZimdollar.

Uthi eGauteng, uvule isitolo eGermiston, eBara nase-Ottawa Mall. KwaZulu-Natal, usivule eMgungundlovu namagatsha aseThekwini, okubalwa eliseSiphingo, ePinetown, eGame City, nasemgwaqweni uCommercial (enkabeni yeTheku), kube eliseRichards Bay. Uthi ngokuvula kwakhe lezi zitolo, usekwazile ukuqasha abantu abangaphezulu kuka-50.

“Ngaphezu kokuba sengingene ngagxila kwezamabhizinisi, kodwa abantu abangasebenzi bengibona ukuthi nabo bayawadinga amathuba, nokuthola ulwazi olunzulu kulo mkhakha ukuze kulekelelwane nasemakhaya,” kusho uZimdollar.

Uthe usaqhubeka nokudayisa amaphinifa, kodwa ibhizinisi elihamba kahle kakhulu yileli lezitolo zamakhemisi. Uveze ukuthi bakhombise ukuyithakasela imikhiqizo yakhe abantu.

“Njengoba ngisebenza ngabantu nasemkhakheni wezokusakaza, yingakho ngizinikeze isikhathi sokuqinisekisa ukuthi ngilwenza kahle ucwaningo lwamakhambi esintu, ngoba angifuni abantu bathenge amakhambi angabasizi ngalutho ngaphansi kwegama lami. Inhloso yami enkulu wukuthi ekuguleni kwabantu abadinga ukulashwa ngokwesintu, ngibe yisixazululo empilweni yabo,” esho.

Phakathi kwamakhambi ezifo asekwazile ukusiza abantu ngawo  okuhlanganisa nabakubo, ubala isifo sikashukela obuhlupha unina. Uthi ezitolo zakhe ugxile emakhanjini okubalwa kuwona elokwelapha umhlume, awabesifazane, nabesilisa, okuhlanza igazi, namanye.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...