Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Iqukethe abaculi abahlukene i-albhamu yomrepha ongasekho emhlabeni

Iqukethe abaculi abahlukene i-albhamu yomrepha ongasekho emhlabeni

by | 24 February 2025

IBOPHELE abaculi abahlukene i-albhamu uyomrepha wakuleli ongasekho emhlabeni uRiky Rick okulindeleke ukuthi iphume ngomhla ka-4 kuMbasa nonyaka.

Ngokusho kwenkampani ephethe umculo kaRiky Rick iSony Music South Africa le albhamu kuzobe ngeyokugcina yalo mrepha odlule emhlabeni ngomhla ka-22 kuNhlolanja 2O22.

Isitatimende esikhishwe yile nkampani siveze ukuthi le albhamu esihloko Boss Zonke Forver izothakaselwa yizinkumbi zabalandeli bakhe nabathandi bomculo jikelele.

URiky Rick owaziyisa kwagoqanyawo ngokuzikhunga esemzini wakhe Egoli wabe engomunye womrepha bakuleli obengaconsi phansi kwazise uhlabane nenqwaba yezindondo ngesikhathi esadla anhlamvana waphinde waqhamuka nendumezulu yomcimbi othakaselwa kakhulu ngaphandi bomculo we-hip hop kuleli iCotton Fest esaqhubeka nokwenzeka minyaka yonke.

Phakathi kwabaculi ababoshelwe kule albhamu enezingoma eziwu-16 neyodwa yebhonasi kubalwa uLusanda, Focalistic, Blxckie, Gmini Major, Lwah Ndlunkulu, Cassper Nyovest, Kelvin Momo, Baby S.O.N, Mas Musiq, Aubrey Qwana, Lloyiso nabanye.

Abanye balaba baculi kabalitholanga ithuba lokusebenza noRiky Rick esadla anhlavana njengoba sebezozwakala kwi-albhamu yakhe yokugcina engasekho emhlabeni.

Phakathi kwamanoni lo mrepha owazalelwa KwaMashu azakhele udumo ngawo kubalwa iBoss Zonke, Stay Shining, Ungazincishi, Amantombazane, Sondela, Zulu Girls, Sidl’kotini namanye.

Uke wahlaba nezindondo okubalwa kuzo ezeMTV Africa Music Awards, South African Music Awards, South African Hip Hop Awards nezinye.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....