Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Iqukethe abaculi abahlukene i-albhamu yomrepha ongasekho emhlabeni

Iqukethe abaculi abahlukene i-albhamu yomrepha ongasekho emhlabeni

by | 24 February 2025

IBOPHELE abaculi abahlukene i-albhamu uyomrepha wakuleli ongasekho emhlabeni uRiky Rick okulindeleke ukuthi iphume ngomhla ka-4 kuMbasa nonyaka.

Ngokusho kwenkampani ephethe umculo kaRiky Rick iSony Music South Africa le albhamu kuzobe ngeyokugcina yalo mrepha odlule emhlabeni ngomhla ka-22 kuNhlolanja 2O22.

Isitatimende esikhishwe yile nkampani siveze ukuthi le albhamu esihloko Boss Zonke Forver izothakaselwa yizinkumbi zabalandeli bakhe nabathandi bomculo jikelele.

URiky Rick owaziyisa kwagoqanyawo ngokuzikhunga esemzini wakhe Egoli wabe engomunye womrepha bakuleli obengaconsi phansi kwazise uhlabane nenqwaba yezindondo ngesikhathi esadla anhlamvana waphinde waqhamuka nendumezulu yomcimbi othakaselwa kakhulu ngaphandi bomculo we-hip hop kuleli iCotton Fest esaqhubeka nokwenzeka minyaka yonke.

Phakathi kwabaculi ababoshelwe kule albhamu enezingoma eziwu-16 neyodwa yebhonasi kubalwa uLusanda, Focalistic, Blxckie, Gmini Major, Lwah Ndlunkulu, Cassper Nyovest, Kelvin Momo, Baby S.O.N, Mas Musiq, Aubrey Qwana, Lloyiso nabanye.

Abanye balaba baculi kabalitholanga ithuba lokusebenza noRiky Rick esadla anhlavana njengoba sebezozwakala kwi-albhamu yakhe yokugcina engasekho emhlabeni.

Phakathi kwamanoni lo mrepha owazalelwa KwaMashu azakhele udumo ngawo kubalwa iBoss Zonke, Stay Shining, Ungazincishi, Amantombazane, Sondela, Zulu Girls, Sidl’kotini namanye.

Uke wahlaba nezindondo okubalwa kuzo ezeMTV Africa Music Awards, South African Music Awards, South African Hip Hop Awards nezinye.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...