Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Kwethulwe owokuklomelisa abenza kahle emikhakheni eyahlukene

Kwethulwe owokuklomelisa abenza kahle emikhakheni eyahlukene

by | 19 February 2025

KWETHULWE ngokusemthethweni umcimbi wokuklomelisa abenza kahle futhi abayisibonelo emikhakheni eyahlukene emcimbini obuseKZN Music House, eThekwini ngeledlule.

Lo mcimbi obizwa ngokuthi Igugu Awards kulindeleke ukuba udlale indima emqoka ukukhuthaza abantu abasemikhakheni eyahlukene ukuthi baqhubeke nokwenza kahle.

Umsunguli walo mcimbi uSiyanda Sibiya owaziwa ngelikaDJ Sndara emkhakhweni wezokuklwebha amapuleti uchaze lo mcimbi njengozobumba isizwe futhi wenze abantu bazikhandle emikhakheni abakuyo.

Uthe ufisa kube khona ukubambisana kuzona zonke izinhlaka ukuqinisekisa ukuthi lo mcimbi uba yimpumelelo njengoba uhlanganisa imikhakha eyahlukene.

Phakathi kwemiklomelo ekhona kulo mcimbi kubalwa Best Induna, Best Police Station, Best Policeman/ Woman, Best School, Best Teacher, Best Hospital, Best Teacher, Best Doctor, Best Community Based Organization, Cleanest Township, Cleanest Taxi Rank, Best Mayor, Best SMME, Car Of The Year (SUV/Hatchback/Performance/ Bakkie), Best Taxi Driver, Best Youtube TV, Best Social Media Influencer, Best Community Radio Station, Best TV Show, Best Radio Show, Best Music Genre, Best KZN Person of the Year neLifetime Achievement.

Kulo mcimbi kunxuswa abantu ukuthi kube yibona abaqokayo abahamba phambili kule mikhakha ngokuthumela abamqokayo kule nombolo yomyalezo 31672 bathumele igama nomkhakha abaqokwa kuwona.

USndara unxuse abantu ukuthi basebenzise izinkundla zabo zokuxhumana ukuthola iminingwane ngendlela yokuqoka nokuvotela labo abenza kahle kule mikhakha.

Uveze ukuthi kumqoka ukuklomelisa abantu abenza kahle ukuze nalabo abangenzi kahle bakhuthazeke ukwenza kahle.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...