Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ubusolwa ngobukhunkuli umndeni wenduna ebulawe nomkayo

Ubusolwa ngobukhunkuli umndeni wenduna ebulawe nomkayo

by | 8 November 2024

MTHOBISI SITHOLE

KUTHIWA ubesolwa ngokuthakatha ngamalungu omndeni nomakhelwane, owesifazane odutshulwe wabulawa nomyeni wakhe oyinduna esizweni saseMachobeni, eNkandla ngoMsombuluko entathakusa. 

Induna uMnu Mqiniseni Dlamuka nowakwakhe uNkk Lindiwe Dlamuka, uMaNgubane, kuthiwa bahlaselwe babulawa, belele emzini wabo. Kuthiwa izingane zabo – efunda uGrade 1 neyenza uGrade 4 – zisinde ngoba bezilele kwenye indlu. Umthombo weLANGA – olidonse ngendlebe ukuba lingawudaluli – uthe kunezinsolo eziqinile zokuthi ukubulawa kwabafi kuhlobene nezinsolo ebezilokhu zivela, zokuthi sebewuqedile umndeni nomakhelwane  bebakhunkula. Umthombo uthi nyakenye kwavela ezithi uMaNgubane wabonakala komunye umuzi
wakwaDlamuka, phakathi kwamabili, ebelethe imbuzi – okwaqinisa izinsolo zokuthi uyaloya.

“Induna nayo ibisolwa ngokuthi isingenile kulo mkhuba, yelekelela umkayo,” kusho umthombo. 

Uthi kawukho umbango wobuduna owaziyo obukhona, ngoba uDlamuka ubekwe kulesi sikhundla kujatshulwe ngaye. 

ILANGA likhulume noNkz Sphiwe Dlamuka ongudadewabo wenduna, othe emuva kokuba uDlamuka nomkakhe sebebulewe, kufike izingane zomfowabo ezincane ziyobika ngesigameko, zicela ukuba kuyobhekwa abazali bazo ukuthi banjani.

Ebuzwa ngezinsolo zokuthakatha kwalo mndeni, uthe akaqali ukuzwa ngazo. “Umka mfowethu wake wangibikela ukuthi kuthiwa uyathakatha. Mina-ke kangikholelwa kulezo zinto, kodwa nasekhaya kubo lapho ezalwa khona (uMaNgubane), wababikela ukuthi usolwa ngokuthakatha,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa avule amacala amabili okubulala. Uthe bekungakaboshwa muntu, kanti amaphoyisa aphansi phezulu, athungatha umkhondo wabasolwa. 

mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...