Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kulindwe isinqumo sebheyili ngabasolwa kwelika-AKA

Kulindwe isinqumo sebheyili ngabasolwa kwelika-AKA

by | 9 January 2025

SIZOPHUMA ngoLwesithathu oluzayo isinqumo sesicelo esiphuthumayo sokudedelwa ngebheyili kwabasolwa ababili abayamaniswa nokubulawa komculi we-Hip Hop uKiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane.

Laba basolwa okungu-Mnu Muziwethhemba Harvey Gwabeni noMnu Lindokuhle Ndimande bebevele enkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla lapho bethule khona ubufakazi ‘obusha’ benxenxa inkantolo ukuba ibakhulule ngebheyili.

Ebufakazini buka-Gwabeni uveze ukuthi ngemuva kokunqatshelwa kwabo ibheyili nabanye abathatu abangabasolwa kuleli cala okungu-Lindokuhle Ndimande, Lindani Ndimande kanye noSiyanda Myeza, isimo sashintsha kakhulu emndenini wakhe.

Utshele inkantolo ukuthi ukugcinwa kwakhe ejele sekumenze wakweleta isikole somntakabani esifunda ingane yakhe imali elinganiselwa ku-R100 000.

Uqhube wathi ukugcinwa kwakhe sekube nomthelela ongemuhle empilweni yomkakhe omncane nengane yakhe njengoba kuphoqe ukuthi ihamba abeluleki bezengqondo.

ULindokuhle utshele ngemuva kokuboshwa kwakhe itekisi yakhe ishayisile futhi ayikhandeki njengoba egcinwe ngaphakathi.

Uthi lokhu sekube nomthelela ongemuhle njengoba umndeni wakhe ungasondleki ngendlela.

Umshushisi uMnu Lawrence Gcaba utshele inkantolo ukuthi akukho okusha okwethulwe abasolwa.

“Sicela inkantolo ikuchithe okwethulwe abasolwa ngoba akukho okusha, kuyefana namaphuzu abawethula ngesikhathi befaka ibheyili okokuqala ngonyaka owedlule.

Odabeni luka-Ndimande lwetekisi kuyathusa ukuthi ekuqaleni waveza ukuthi uzothola imali ewu-R70 000 ngeplazi lezinkukhu no-R20 000 ngetekisi. Angikholwa ukuthi umuntu othola uR70 000 angahluleka ukukhanda itekisi.

Njengoba engakhulumanga lutho ngawo lapha enkantolo kusho ukuthi usawuthola,” kusho uGcaba.

Imantshi uMnu Vincent Hlatshwayo ucele isikhathi sokuyocubungula kabanzi ubufakazi obethuliwe ngaphambi kokukhipha isinqumo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...