Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kushone owesifazane kwalimala 10 kubanjwa imoto yemali ku-N2

Kushone owesifazane kwalimala 10 kubanjwa imoto yemali ku-N2

by | 4 February 2025

KUSHONE owesifazane kwalimala abawu-10 ngesikhathi kubanjwa imoto yemali emgaqweni u-N2, eThekwini namuhla ekuseni.

Imibiko iveza ukuthi laba lowesifazane nalaba abalimele bebezihambela eceleni komgwaqo ngesikhathi bedutshulwa abasola ngesikhathi bebaleka.

Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo bakwa-ALS Paramedics okuyibo abafike kuqala endaweni yesigameko kulaba abalimele kukukhona nonogada abebezihambela.

“Abasolwa baqale ngokukhipha imoto yemali engaqweni ngaphambi kokuyiqhumisa. Sifike endaweni yesigameko isimo sisibi njengoba sithole abanmtu abaningi abebelimele, okubalwa kubo ongogada abathathu. ebangeni elilinganiselwa kumamitha awu-500 bekukhona abanye abathathi abebelimele okungabagibeli betekisi abebeya emsebenzini, okusolwa ukuthi bebezama ukuyiduna babaleke ngayo. Kuwo lomgwaqo siphinde sasiza abanye abawu-2 abebedutshuliwe,” kusho i-ALS Paramedics.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko.

Uthi amaphoyisa afuna abasolwa abayinani elingaziwa, abashaye bachitha nesamba semali esingadalulwanga.

“Laba basolwa bahlasele onogada babephuca izibhamu ngaphambi kokushaya bachithe nesamba semali esingadalulwanga.

Babe sebedubiula kwalimala abantu abebezihambela eceleni komgwaqo. babe sebedubula belimaza nonogada wenkampani ezimele ozame ukubasukela. Owesifazane obeseceleni komgwaqo udutshulwe washona,” esho.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...