Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UButhelezi ubuyiselwe kwesobundunankulu kaZulu

UButhelezi ubuyiselwe kwesobundunankulu kaZulu

by | 3 December 2025

ISILO uMisuzulu kaZwelithini sishaye ingwijikhwebu izolo, ngoLwesibiili, sabuyisela uMfundisi Thulasizwe Buthelezi (osesithombeni), esikhundleni sokuba nguNdunankulu kaZulu.

Ngonyaka odlule, ngesikhathi kukhunjulwa iMpi yaseSandlwana, iSilo samemezela uButhelezi njengondunankulu, nesekela lakhe iNkosi uPhathisizwe Chiliza. Ngosuku lukaKhisimuzi, ngonyaka odlule, iSilo sabuye sashintsha umqondo, sathi siyamdiliza uButhelezi esikhundleni sakhe, kodwa akekho owabekwa kulesi sikhundla.

UButhelezi, obuye abe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ufungiswe esigodlweni eMashobeni, oPhongolo, izolo ngoLwesibili. Esitatimendeni esikhishwe izolo, kuthiwe uButhelezi uzosebenza nomkhandlu osazoqokwa, ezokwaziwa ngePrime Minister’s Executive Council.

“UMfundisi Buthelezi uzosebenza nalo mkhandlu ekwenzeni imisebenzi yesizwe, njengondunankulu waso. Azikho izinqumo azozithatha eyedwa, engabonisananga namalungu omkhandlu. Lokhu kwenzelwa ukuthi isakhiwo sobukhosi, sihambisane nezinto ezenzeka esikhathini samanje,” kusho isitatimende.

ISilo kuthiwa sathola ingcindezi kwabathile ngonyaka odlule, ngokunika uButhelezi isikhundla sobundunakulu, ngoba bethi unguSopolitiki njengoba esesigungwini esiphezulu se-IFP). NeNkosi uChiliza eyisekela likandunankulu, ingumholi woMkhonto weSizwe Party (MKP), esiShayamthetho saseKZN.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...