
UMNDENI wowayengumsakazi wezeMidlalo kwaSABC, otholwe edutshuliwe washona, u-Owen Ndlovu (54), usuqinisekisile ukuthi uzongcwatshwa ngoLwesihlanu oluzayo.
U-Eugene Mthethwa, okhulumela umndeni, uthe usuvumelene ngosuku lwesikhumbuzo nolomngcwabo kaNdlovu.
“Umndeni usuvumelene ngokuthi kuqale kube nesikhumbuzo sakhe ngoLwesithathu, bese kuba nomngcwabo ngoLwesihlanu. Okwamanje indawo okuzoba kuyona umlindelo nomngcwabo ayikakaqinisekisa kodwa umndeni usaxoxisana,” kusho u-Eugene.
UNdlovu utholakale eThokoza ngoLwesithathu edutshuliwe. Kuthiwa uhlaselwe amadoda amathathu ngesikhathi eyolanda unkosikazi wakhe uPortia Ndlovu esontweni eKathlehong. Kuthiwa abamthathile bafike kuyena njengabantu abebemduna imoto yakhe iFord Ranger Raptor, egcine itholakale isicwiyiwe eWalkerville.
Abamthumbilke kuthiwa ubatshele ukuthi uma befuna imoto bangayithatha bashiye yena, kodwa bamthatha nayo ngenkani. Kuvela ukuthi baqale bamshaya ngaphambi kokuba bamdubule. Isikhwama okuthiwa besinamadokodo aphethe amacala athinta iSAMRO, kuthiwa ukwazile ukuphuma emotweni abaleke naso kodwa sagcina sisale esigangeni, esedutshuliwe.
Isidumbu sakhe kuthiwa sitholakale sidindilizile esigangeni futhi utholwe ngamalungu omphakathi. UNdlovu ushona nje ubesenenyunyana yamaciko i-Artist United (AU) futhi ubebopha iSAMRO ngokunyamalala kuka-R60 million wamaciko kule nhlangano eqoqa imihlomulo (royalties) yabaculi.







