Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuboshwe abathathu abayanyaniswa namacala okubulala eNanda

Kuboshwe abathathu abayanyaniswa namacala okubulala eNanda

by | 26 April 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal abophe abalisa abathathu abasolwa ngokuba yingxenye yeqembu lemigulukudu (gang) abatholwe nezibhamu nezinhlambu okungekho emthethweni kwaBester eNanda.

Kuthiwa amaphoyisa aseNtuzuma esebenzisana nawaseNewlands East athole umkhondo ngabasolwa abebebhace emzini osendaweni okuthiwa yiseMzomusha, kwaBester.

Kuthiwa laba balisa abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-22 baboshelwe amacala okutholakala nezibhambu nezinhlambu okungekho emthethweni. Bayanyaniswa namacala amaningi okubulala enzeka kwaBester naseNanda.

Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzula ngoLwesibili lomhla ka-29 kuMbasa (April).

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...