Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 IKZN ibheke ukuhlomula ngezokuvakasha ngePhasika

IKZN ibheke ukuhlomula ngezokuvakasha ngePhasika

by | 16 April 2025

KUBHEKWE ukuthi ukhule ngo-R1.4 billion umnotho waKwaZulu Natal kule mpelasonto yePhasika njengoba kulindeleke izivakashi ezibalelwa ku-400 000 ngala maholidi.

Lokhu kuvezwe uhlaka olubhekelela ezokuvakasha esifundazweni iKZN Tourism and Film Authority olungaphansi koMnyango wezokuVakasha KwaZulu Natal.

UMfu Musa Zondi onguNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo esifundazweni uthe ezokuvakasha ezihambisana nenkolo zivamise ukuhamba phambili ngalesi sikhathi sonyaka.

“IKwaZulu Natal yisifundazwe esigabe ngezindawo eziningi ezihlanganisa ezenkolo ezokuvakasha futhi yisona esikwazi ukuba nezindawo esikulungele ukuzikhipha nomndeni wakhe ngendlela ekhululekile,” kusho uZondi.

Kula maholidi kubhekwe ukuthi amahhotela ikakhulukazi lawo asezindaweni ezisogwini enze kahle kakhulu.

Ungqongqoshe uthe unethemba lokuthi isifundazwe sizokwenza kahle kakhulu kwezzokuvakasha ngalesi sikhathi sonyaka njengoba amahhotela ezindaweni ezisogwini asegcwele ngaphezulu kwengxenye.

Uthe nakuba belindele ukuthi isifundazwe siphithizele izivakashi kodwa uxwayisa ukuthi zisebenzise imigwaqo ngendlela ephephile futhi elandela imithetho yakhona.”Sinxusa izivakashi zethu zikubeke phambili ukuphepha kwazo emgwqweni,” kusho uZondi.

UBrett Tungay oyilungu lebhodi leFederated Hospitality Association of South Africa (FEDHASA) eyengamele izindawo zokudla namahhotela East Coast Region uthe imibiko abayitholile wukuthi izindawo eziningi zabo zizokwenza kahle ngalesi sikhathi sonyaka.

“Amaholidi ePhasika avamise ukwakha isithombe esihle ngezokuvakasha futhi abakulo mkhakha bayahlomula,” kusho uBrett.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...