
UGQUQGQUZELE abaculi abasebasha endimeni yomculo umculi kamaskandi ukuba bangakushalazeli ukucula bukhoma (Live), kuyekwe ukulingisa ngokuthi kuculwe phezu kwengoma esiqoshiwe.
UScebi “Inkosi Yamagcokama” Dlamini waseMachunwini, eMsinga, ubekhuluma ePlayhouse, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku ekhonsathini yakhe abecula kuyona bukhoma esekwa nguNtencane, nguMenzi, nguGatsheni nabanye abaculi.
Lo mcimbi bewenzeka okwesibili eThekwini njengoba uqale nyakenye ePlayhouse, kwathi ngoNcwaba (August) kulo nyaka wawenza eGoli. Uveze ukuthi abaculi abasebasha abakunaki ukucula bukhoma.
“Uma ucula bukhoma yilapho okwazi ukuzibona khona ukuthi ungumculi osezingeni elinjani. Ngiyafisa ukuthi sonke thina esisebasha, sikwenze lokhu ukuze singabi nenkinga uma kuvela amathuba okuthi siyonandisa emazweni angaphandle ngoba kuwona akulingiswa, kuculwa bukhoma,” kusho Inkosi Yamagcokama.
Ijabulise abantu ngezingoma zayo ezintsha, yazixuba nezindala. Itshele leli phephandaba ukuthi njengoba isibonile ukuthi abantu bayakuthanda lokhu ekwenzayo, isihlele ukuthi le khonsathi iyenze nakwezinye izifundazwe.
“Izifundazwe engihlele ukuya kuzona yiMpumalanga ne-Eastern Cape. Lezi zifundazwe yizona ezinabantu abathakasela kakhulu umculo wethu kamaskandi.”
UMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uxhase lo mculi ngendawo lapho abenandisa khona (Playhouse). UNgqongqoshe wawo lo mnyango uMnu Mtomuhle Khawula, uthe uzimisele ukweseka amaciko azoqhamuka nombono wokwenza imicimbi yawo okuzoculwa bukhoma kuyona.
“Sikhuthaza ukutshala imbewu yobuciko ngokuthi amaciko azishaye bukhoma izinsimbi. Lolu hambo siluqalisa ngeNkosi Yamagcokama. Sizobeseka abaculi abasematheni nabasafufsa,” kusho uKhawula.







