Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Sihlehlele inyanga ezayo isigwebo sesikhulu samaphoyisa esemukela intshontsho

Sihlehlele inyanga ezayo isigwebo sesikhulu samaphoyisa esemukela intshontsho

by | 3 June 2025

UKUNGAFINYELELI ngesikhathi kwimibiko yosonhlalakahle kanye neyeziphathimandla zejele laseWestville kuphoqe ukuba kuhlehle ukugwetshwa kwalowo owayeyisikhulu samaphoyisa aseBhekithemba eMlazi, uKhephu Ndlovu kanye nabane aboshwe nabo.

UNdlovu nalaba abane okunguBonginkosi Dlamini, ongummangalelwa wokuqala, uSibongile Ndlovu ongummangalelwa wesibili, uFelokwakhe Ndlovu ongummangalelwa wesithathu kanye noLindokuhle Ndlovu ongummangalelwa wesihlanu, bebevele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoMsombuluko lapho be kulindeleke ukuba iMantshi uMuntukayise Khumalo ikhiphe isigwebo kulandela ukulahlwa kwabo yicala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Kuleli cala uNdlovu (Khephu) usolwa ngokwamukela intshontsho lika-R120 000 ukuze aphazamise ubufakazi bedokodo lecala lokubulala elalibhekene noFelokwakhe, owayeyinduna yakwaNdengezi ngo-2019.

Ngokobufakazi obethulwe umbuso kuvela ukuthi uFelokwakhe waba nokungaboni ngasolinye nesishoshovu seANC uMnu Thulani Nxumalo emuva kokuba uNxumalo eveze izinsolo zokuthi udayisa umhlaba ngendlela engekho emthethweni. Eseboshiwe (uFelokwakhe) wayalela unkosikazi wakhe (ummangalelwa wesibili kuleli cala) ukuba akhokhele uKhephu uR120 000 ukuze aphazamise ubufakazi ngokubambisana noDlamini (ummangalelwa wokuqala) owayephenya icala lokubulawa kukaNxumalo.

Ubufakazi buthi uKhephu wayemukela kummangalelwa wesibili esiteshini samaphoyisa iDurban Central inkokhelo. Ngemuva kokukhokhelwa lwabe seluqala uhlelo lokuphazamisa ubufakazi, njengoba uDlamini owayenguKapteni ayalela ufakazi wombuso oqanda ikhanda ukuba aguqule isitatimende asenza emaphoyiseni bese ehoxa ekubeni ngufakazi wombuso. Kuthiwa wamsabisa ngokuthi impilo yakhe izoba sengozini uma engakwenzi lokho.

UKhephu owayesigabeni sika-Lt Col, kuthiwa wafonela amanye amaphoyisa ayesondelene necala ewatshela ukuthi kumele ahoxe kulo. Izoli ngoMsombuluko enkantolo, izinhlangothi zabammeli ziphakamise ukuthi isigwebo sihlehlele inyanga ezayo ukuze abammeli babammangalelwa bakwazi ukufundisisa imibiko efike kubo ekuseni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...