
UNGENELELE komasipala abancane owesifunda oxhasweni lokulekelelwa kwabafundi abaswele abamukelwe ezikhungweni zemfundo ephakeme ukuze bathole imali yokubhalisa. UMasipala iKing Cetshwayo usebenzise u-R1.2 Million ukuhlomulisa ngemali abafundi abangaphansi komasipala waseNkandla, uMthonjaneni, uMlalazi, iMfolozi noMhlathuze.
Umasipala ngamunye bawulekelele ngokusiza abafundi abawu-40 kuwona. Lokhu kumenyezelwe eShowe emcimbini wokuklonyeliswa kwabafundi abawu-10 abaphase ngamalengiso umatikuletsheni kulesi sifunda okubalwa nezikole. Umfundi obashaye bonke kulesi sifunda uNkz Siphelele Masango obefunda eWelabasha High eMpangeni, uhlonyuliswe ngo-R20 000 wesipho, u-R6000 wokubhalisa e-University of KwaZulu-Natal, i-laptop nesitifiketi.
Umfundi olale isibili uBanele Mhlongo waseSkhulangemfundo High, uklonyeliswe ngo-R15 000 ohambisana no-R6000 ngaphezulu ne-laptop kanti olale isithathu unikezwe u-Amanda Sibiya waseSkhulangemfundo High ukhale wemuka nesamba semali engango-R10 000, kube u-R6000 wenyuvesi ne-laptop.
Imeya yomkhandlu uMnu Skhumbuzo Dlamini ugqugquzele abafundi ukuba bazimisele ezikhungweni zemfundo ephakeme. Uthe leli yithuba elibaluleke kakhulu okufanele balisebenzise ngendlela efanele.
“Ngesikhathi kusafunda thina kwakungekho konke lokhu kulekelelwa okwenziwayo kanti nezikole zikahulumeni zazingekho, besifunda emasontweni. Ngakho-ke lokhu enikwenzelwa wuhulumeni, kufanele nikubonge ningadlali ngethuba,” kusho uMnu Dlamini.
Imenenja yomkhandlu uMnu Philani Sibiya uveze ukuthi izicelo ezifakwe abafundi becela ukulekelelwa ziningi kakhulu. Uthi eNkandla bawu-200 abafundi abacele ukulekelelwa eKing Cetshwayo, eMhlathuze bawu-312, eMfolozi bawu-104, eMthonjaneni bawu-67, eMlalazi bawu-175. Uthe kumasipala ngamunye bazoxhasa abawu-40 ngokwesifunda. Ngakolunye uhlangothi uSphelele Masango okunguyena ophase kakhulu kulesi sifunda uthe ukusebenza kanzima yikhona okumsizile. Uyokwenza iziqu zobudokotela e-Ukzn







