Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Bangena bafuna idibhamu ababulale intombazane eneminyaka ewu-12 KwaMaphumulo

Bangena bafuna idibhamu ababulale intombazane eneminyaka ewu-12 KwaMaphumulo

by | 8 May 2025

BANGENA endlini babuza isibhamu abalisa abasolwa abadubule babulala intombazana eneminyaka ewu-12, eyilungiselela ukupheka egcekeni lakubo, eNzikinziki, KwaMaphumulo, ngoMgqibelo ntambama. ILANGA libike kabanzi ngalolu daba kushicilelo lwangoMsombuluko, lapho okuvele khona ukuthi uNikezikwe Shandu (12) udutshulwe wabulawa ngabantu abagcine bebaleke nomakhalekhukhwini wagogo wakhe abehlala naye.

ILANGA likhume nelungu lomndeni wakwa-Shandu elingathandanga udalulwa ngenxa yobucayi bodaba, eliveze ukuthi ngesikhathi abasolwa sebengene endlini bafike bashaya uninakhulu kamufi ngesibhamu esiphongweni babe sebebuza isibhamu. Uthi okubaphatha kabi ukuthi abasolwa baphinde bagasela komunye womakhelwane babo, baphenya ngokwenzeka kwaShandu ngaphambi kokubamba inkunzi.


“Bathi siphi isibhamu somfana walayikhaya, wadideka ugogo ukuthi bakhuluma ngani ngoba lapha ekhaya ubehlala nezingane ezincane, omdala kuzo uneminyaka ewu-14. Okusiphatha kabi nokusithusayo ukuthi ngoMsombuluko abafana bangene kwa(egagula isibongo sakwamakhelwane) babuza ukuthi bakhona yini ubhuti balapha ekhaya abadala futhi kungabe sebezwile yini ukuthi kusolwa bani ekufeni kwengane. Kwamakhelwane baphendule ngokuthi kabazi ukuthi kusolwa bani, babe sebethatha amafoni abo baphuma bahamba,” lisho.


Litshele leli phephandaba ukuthi umndeni uzizwa ungaphephile emuva kwalezi zigameko njengoba ungakwazi okuhlelwa abasolwa, nesizathu esiholele ekubulaweni kwendodakazi yawo ingasazi. Leli lungu lomndeni liveze ukuthi phezu kwaloluvalo ohlalele kulona, unenkinga yokuhlanganisa imali yokuqhuba ukufihlwa kwengane ekulindeleke ukuthi kube ngeSonto.


“Usuku lokufihla esiluhlelile yiSonto, lokho kuzokwenzeka uma kuhlangana imali yokumfihla. Sisazama imizamo yokuthola ukwelekelekeka ekukhululweni kwesidumbu sengane njengoba imali yempesheni kagogo iphelele kuwo umasingcwabisane. Sinethemba lokuthi ukhona uMsamariya olungile ongasilekelela sikwazi ukubeka umtwana ngendlela efanele,” esho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Gen Paul Magwaza usiqinisekisile isigameko. Uthi amaphoyisa akwaMaphumulo aphenya icala lokubalwa kwentombazane ena-12, edutshulwe ngabasolwa abangaziwa. Uthi imbangela yokubulawa kwayo kayikaziwa futhi akukaboshwa muntu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...