Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amalungiselelo omngcwabo kaPhapha uFrancis

Amalungiselelo omngcwabo kaPhapha uFrancis

by | 22 April 2025

SIZOBONWA ngamakholwa nawumphakathi isidumbu sikaPhapha uFrancis kusukela kusasa ngoLwesithathu, kuze kube ubekwa endlini yakhe yokugcina eSt Peters Basilliaca Square, eRome, ngoMgqibelo.

Kulindelwe izinkumbi zabantu abazobe beqhamuka kuwona wonke amagumbi omhlaba, bezobeka le ndoda endala kaNkulunkulu endlini yayo yokugcina.


Selokhu izindaba zokwedlula kukaPhapha zimenyezelwe izolo ngoMsombuluko ekuseni, abantu balokhu betheleke njalo eVatican, ekomkhulu lamaKhatholika, bezobhonga emswaneni. UPhapha, ushone eseneminyaka engu-88 ngemuva kokugula isikhathi eside exinwe yisifo samaphaphu.

Ubonakalae okokugcina emphakathini ngeSonto, enkonzweni yePhasika khona, eSt Pater Basillica Square, evalelisa izinkumbi zabantu ababalelwa ku-35 000.

Umngcwabo kaPhapha uFrancis uzokwenganyelwa nguCardinal Giovanni Battista, onguMkhatholika omdala nohlonishwayo.

Amazwi enduduzo kawaqhamuki kubaholi bezeNkolo kuphela, kodwa nezinhloko zemibuso zisalokhu zikhale njalo. UMengameli waseNingizumu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa, ungomunye wabaholi asebebdlulise amazwi enduduzo ngokwedlula emhlaeni kukaPhapha.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...