Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uchonywe uphaphe lwegwalagwala ngobuqhawe umshayeli wetekisi

Uchonywe uphaphe lwegwalagwala ngobuqhawe umshayeli wetekisi

by | 25 November 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

UCHONYWE uphaphe lwegwalagwala uMnu Ntukutho Buthelezi, ongumshayeli wetekisi ngobuqhawe abukhombise ngokulekelela abelethise owesifazane. Lona wesifazane ubesendleleni elibangise esibhedlela njengoba bese eqalile ukusikwa nokuyilapho uMnu Buthelezi evele wambelethisela khona endleleni ngemuva kokuxineka kakhulu.


Imeya kumasipala uLundi, uMnu Wilson Ntshangase udlulise amazwi okubongela umphakathi wasoNdini.
Ngokusho kukaMnu Buthelezi uthi mhlaka 8 kuNovember ubesendleleni esuka edolobheni Ondini eya kwaCeza ehamba egibeza abantu etekisini ayishayelayo nokuthe mayebona ingane encane imisa itekisi wama, yabe isiphuthuma egcekeni emzini oseduze nomgwaqo iyobabikela ukuthi imoto isimile.


“Uphumile lona wesifazane ebonakala ukuthi ukhulelwe esehamba kanzinyana impela. Wagibela kuthe esendleleni eya esibhedlela usisi wakhala ngokuthi uyayizwa ingane useyayiteta manje,” kusho uMnu Buthelezi. Uthi ube esemisa imoto eceleni komgwaqo wamtetisa khona lapho bayigoqa ingane ngokusabhayi bamphuthumisa esibhedlela ukuze kuqhutshekwe nokuthi asizakale.
“Lokhu okwenzile ngikuthatha njengobuqhawe ngoba embonini yamatekisi kujwayele ukuzwakala kwezenzo ezingezinhle kahle. Siwumasipala wasoLundi sifisa ukuthi bande abantu abanjengawe ngoba sifunde okukhulu ngawe isibindi, uthando nokunakekela okuyisimanga. Usindise imiphefulo emibili lapha ngesikhathi esisodwa. Siyabonga kakhulu lokhu okwenzile,” kusho uMnu Ntshangase. Umasipala umuphe isipho nesitifiketi ngobuqhawe bakhe.

Ezisematheni

Kuboshwe nabakuleli ngokungemthetho esivimbangwaqweni eMtubatuba

Kuboshwe nabakuleli ngokungemthetho esivimbangwaqweni eMtubatuba

KUBOSHWE abayisikhombisa okubalwa kubo nabakufika abakuleli ngokungekho emthethweni kwisivimbamgwaqo sokuqikelela ukuphepha kulesi sikhathi sePhasika eMtubatuba. Lesi sivimbamgwaqo ebesisemgaqweni onguthelawayeka u-N2 besiholwa yiMeya kaMasipala Inkosi uMtubatuba,...

Sekuvulwe amagumbi azobhekana namadoda emitholampilo

Sekuvulwe amagumbi azobhekana namadoda emitholampilo

UMASIPALA weTheku usuvule amagumbi okwelapha abesilisa azoba semitholampilo ngenhloso yokuwagqugquzela ukuba asondele ezikhungweni zezempilo. Lokhu kulandela umbiko woMnyango wezeMpilo owaveza ukuthi amadoda amaningi aba manqika ukuvakashela emitholampilo, okudala...

Kuqopheke umlando kuqokwa umfundisi wesifazane kowezenkolo eKZN

Kuqopheke umlando kuqokwa umfundisi wesifazane kowezenkolo eKZN

KUQOPHEKE umlando kuqokwa inceku yesifazane ukuba ihole umkhandlu wezenkolo esiFundazweni iKwaZulu-Natal. UMphostol Lungile Magwaza uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko. Ihhovisi likaNdunankulu wesiFundazwe iKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli likhiphe isitatimende...