Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uchonywe uphaphe lwegwalagwala ngobuqhawe umshayeli wetekisi

Uchonywe uphaphe lwegwalagwala ngobuqhawe umshayeli wetekisi

by | 25 November 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

UCHONYWE uphaphe lwegwalagwala uMnu Ntukutho Buthelezi, ongumshayeli wetekisi ngobuqhawe abukhombise ngokulekelela abelethise owesifazane. Lona wesifazane ubesendleleni elibangise esibhedlela njengoba bese eqalile ukusikwa nokuyilapho uMnu Buthelezi evele wambelethisela khona endleleni ngemuva kokuxineka kakhulu.


Imeya kumasipala uLundi, uMnu Wilson Ntshangase udlulise amazwi okubongela umphakathi wasoNdini.
Ngokusho kukaMnu Buthelezi uthi mhlaka 8 kuNovember ubesendleleni esuka edolobheni Ondini eya kwaCeza ehamba egibeza abantu etekisini ayishayelayo nokuthe mayebona ingane encane imisa itekisi wama, yabe isiphuthuma egcekeni emzini oseduze nomgwaqo iyobabikela ukuthi imoto isimile.


“Uphumile lona wesifazane ebonakala ukuthi ukhulelwe esehamba kanzinyana impela. Wagibela kuthe esendleleni eya esibhedlela usisi wakhala ngokuthi uyayizwa ingane useyayiteta manje,” kusho uMnu Buthelezi. Uthi ube esemisa imoto eceleni komgwaqo wamtetisa khona lapho bayigoqa ingane ngokusabhayi bamphuthumisa esibhedlela ukuze kuqhutshekwe nokuthi asizakale.
“Lokhu okwenzile ngikuthatha njengobuqhawe ngoba embonini yamatekisi kujwayele ukuzwakala kwezenzo ezingezinhle kahle. Siwumasipala wasoLundi sifisa ukuthi bande abantu abanjengawe ngoba sifunde okukhulu ngawe isibindi, uthando nokunakekela okuyisimanga. Usindise imiphefulo emibili lapha ngesikhathi esisodwa. Siyabonga kakhulu lokhu okwenzile,” kusho uMnu Ntshangase. Umasipala umuphe isipho nesitifiketi ngobuqhawe bakhe.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...