Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kugwetshwe ummeli ngecala lokundiza ngo-222km/h emgwaqweni

Kugwetshwe ummeli ngecala lokundiza ngo-222km/h emgwaqweni

by | 30 October 2025


UNQUNYELWE ugwayi katiki wokuba angalinge atholakale enza icala elifanayo ummeli olahlwe yicala lokwephula imithetho yomgwaqo. NgoLwesibili iNkantolo yaseScottburgh igwebe uMnu Monde Nzima (32), olahlwe yicala lokuhamba ngesivinini esiphezulu kunaleso esibekiwe.

Ulahlwe yicala lokuhamba ngesivinini esiwu-222km/h endaweni okufanele ahambe kuyona ngesivinini sika-120km/h. Wayehamba ngemoto yakhe yohlobo lweMercedes-Benz C200.

Amaphoyisa omgwaqo azama ukumumisa kodwa wakushaya indiva lokho, wangama. Waboshwa ngosuku olulandelayo, okuyilapho wabe esebuyiswa KwaZulu-Natal, ukuzobhekana necala lakhe. UNzima uyalelwe ukuba ayohlala ejele izinyanga eziwu-24 noma akhokhe u-R40 000.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnu Ndabezinhle Sibiya, uthe basishayela ihlombe isinqumo senkantolo. Uthe banethemba lokuthi umkhandlu owengamele ukusebenza kwabameli kuleli uzokwenza olwawo uphenyo, emuva kwalokho kuthathwe isinqumo ngesenzo sikaNzima.

“Ngosuku lwesigameko amaphoyisa ayesemsebenzini azama ukumumisa umsolwa, kodwa washaya wachitha. Kwadingeka ukuba nawo amaphoyisa abaleke uma ebona imoto eyayigijima ngesivinini esiphezulu.

“Siyasemukela isigwebo esikhishwe yinkantolo, futhi sinethemba lokuthi nomkhandlu wabameli kuleli kukhona isinyathelo ozosithatha, emuva kwalokho kukhishwe isinqumo esizomenyezelwa emphakathini,” kuphetha uSibiya.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...