Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuchwaze ihholo kwethulwa uMkhwanazi

Kuchwaze ihholo kwethulwa uMkhwanazi

by | 11 February 2025

KUQHUME umkikizo wenjabulo ehholo laseMaoti eNanda,  eThekwini kwethulwa uKhomishana wamaPhoyisa waseKZN, uBrigadier Nhlanhla Mkhwanazi osematheni kulezi zinsuku ngenxa yomsebenzi owenziwa ngamaphoyisa awaholayo.

UMkhwanazi uyingxenye yeziphathimandla eziphuma eminyangweni eyahlukene KwaZulu-Natal ezimenywe nguNdunankulu walesi sifundazwe, uMnu Thami Ntuli.

UMnu Ntuli  umeme zonke izinhlaka ukuba zizokhuluma ukuze kutholakale ikhambi lokulwa nobugebengu obudla lubi ezindaweni ezahlukene ikakhulukazi kulona ilokishi iNanda. Le mbizo ihanjelwe ngamalungu omphakathi kanye namalungu ezinhlaka zezokuphepha emiphakathini.

UMnu Ntuli uhambisana nongqongqoshe bemnyango yekhabhinethi ayiholayo okukhona kubona uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa onguNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uNkk Nomagugu Simelane onguNgqongqoshe wezeMpilo, uMajor General Mnikelwa Nxele onguKhomishana wezemaJele kuleli. Phakathi kwabanye abaholi kukhona neNkosi Mqoqi Ngcobo nayo okulindeke ukuba ibe nezwi maqondana nale mbizo. 

Uhlelo luphethwe nguMfu. Thulasizwe Buthelezi  onguNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal. 

Amalungu omphakathi akhulume naleliphephandaba ngaphambi kokuqalwa kohlelo lwembizo aveze ukuthi ayilindele ngabomvu inkulumo kaMkhwanazi. Lokhu kufakazeleke ngesikhathi ethulwa njengabanye abaholi. Kwethulwa abaholi izethameli bezishaya izandla kuphela kodwa kube nomehluko omkhulu ngenkathi kwethulwa uMkhwanazi. 

Ezisematheni

UThandiswa nefestivali yokubungaza ubuciko namasiko

UThandiswa nefestivali yokubungaza ubuciko namasiko

INKAKHA emculweni uThandiswa Mazwai ithi izizwa ithobekile ngokuqokwa kahlanu kwe-albhamu yayo iSankofa, emcimbini weSouth African Music Awards (Sama) wanonyaka. Le ntokazi ezakhele ugazi ngamanoni esingabala kuwona elithi, "Zabalaza", elithi "Nizalwa Ngobani", elithi...

ISilo uMisuzulu sisolwa ngokuxova isizwe

ISilo uMisuzulu sisolwa ngokuxova isizwe

SINQUNYELWE ugwayi katiki iSilo uMisuzulu kaZwelithini yisizwe sakwaMkhwanazi, KwaMpukunyoni, eMtubatuba, ukuba sihoxise ngokushesha ukuqoka uMnu Qiniso Ncube ukuba yiso laso engxenyeni yendawo yalesi sizwe. Isizwe sithi uma kungenzeki lokhu ezinsukwini ezimbalwa,...

Inomnotho omningi indawo yaseMtuba esikelwe iso leSilo

Inomnotho omningi indawo yaseMtuba esikelwe iso leSilo

NGUMNU uQiniso Ncube, oqokwe yiSilo ukuba yiso lawo eMtubatuba. ISIZWE sakwaMkhwanazi sishaya amakhala ngokugixatshezwa ngomhlaba ononile kukaMnu Qiniso Ncube oqokwe yiSilo uMisuzulu njengeSo laso KwaMpukunyoni, eMtubatuba. Okuthimulisa kakhulu isizwe wukuthi lo...