Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuchwaze ihholo kwethulwa uMkhwanazi

Kuchwaze ihholo kwethulwa uMkhwanazi

by | 11 February 2025

KUQHUME umkikizo wenjabulo ehholo laseMaoti eNanda,  eThekwini kwethulwa uKhomishana wamaPhoyisa waseKZN, uBrigadier Nhlanhla Mkhwanazi osematheni kulezi zinsuku ngenxa yomsebenzi owenziwa ngamaphoyisa awaholayo.

UMkhwanazi uyingxenye yeziphathimandla eziphuma eminyangweni eyahlukene KwaZulu-Natal ezimenywe nguNdunankulu walesi sifundazwe, uMnu Thami Ntuli.

UMnu Ntuli  umeme zonke izinhlaka ukuba zizokhuluma ukuze kutholakale ikhambi lokulwa nobugebengu obudla lubi ezindaweni ezahlukene ikakhulukazi kulona ilokishi iNanda. Le mbizo ihanjelwe ngamalungu omphakathi kanye namalungu ezinhlaka zezokuphepha emiphakathini.

UMnu Ntuli uhambisana nongqongqoshe bemnyango yekhabhinethi ayiholayo okukhona kubona uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa onguNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uNkk Nomagugu Simelane onguNgqongqoshe wezeMpilo, uMajor General Mnikelwa Nxele onguKhomishana wezemaJele kuleli. Phakathi kwabanye abaholi kukhona neNkosi Mqoqi Ngcobo nayo okulindeke ukuba ibe nezwi maqondana nale mbizo. 

Uhlelo luphethwe nguMfu. Thulasizwe Buthelezi  onguNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal. 

Amalungu omphakathi akhulume naleliphephandaba ngaphambi kokuqalwa kohlelo lwembizo aveze ukuthi ayilindele ngabomvu inkulumo kaMkhwanazi. Lokhu kufakazeleke ngesikhathi ethulwa njengabanye abaholi. Kwethulwa abaholi izethameli bezishaya izandla kuphela kodwa kube nomehluko omkhulu ngenkathi kwethulwa uMkhwanazi. 

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...