Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 “Ziyanda izinkinga” zeNFP

“Ziyanda izinkinga” zeNFP

by | 12 November 2024

LUCKY CAIN

UPHENDULE ngencwadi yabameli uSihlalo weNFP oyimeya yaseDumbe, uMnu Msawenkosi Mkhabela (osesithombeni), emuva kwencwadi eqhamuka kumengameli waleli qembu, uMnu Ivan Barnes, ebimphoqa ukuba achaze ukuthi kungani kumele angamiswa esikhundleni sakhe. 

Ngeledlule uBarnes ubhalele uMkhabela emuva kokungalubhadi kwakhe emihla-nganweni yaleli qembu. Kule ncwadi uBarnes uthe ngokomthetho weqembu, isenzo sikaMkhabela siphoqa ukuba athathelwe izinyathelo. 

UMkhabela uphendule ngencwadi yabameli, wachaza uhlangothi lwakhe. 

Ethintwa uBarnes, uvumile ukuthi uyithumele le ncwadi, kodwa wathi makuxhunyanwe nephini likamengameli weNFP, uMnu Milton Sokhela. 

USokhela uthe beyisigungu esiphezulu bazimisele ngokuthola incazelo kuMkhabela ngokushaya indiva imihlangano yeqembu. Uthe bayitholile incwadi yabameli bakhe, kodwa ngokwabo bebengakaboni ukuthi lolu daba selungangenelelwa ngabameli. “Besibheke ukuthi kube nendlela yokuxoxa ukuze sifinyelele emnyombeni, ngaphandle kokusebenzisa ingalo yomthetho,” kusho uSokhela. 

ILANGA lihabule ukuthi ziyaqonga izinkinga zaleli qembu njengoba kunoqhekeko ebuholini balo, ikakhulukazi KwaZulu-Natal, lapho liholwa nguNkk Mbali Shinga ongungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi. Kuzokhumbulela ukuthi kube nemicimbi yaleli qembu lapho uNkk Shinga ebeyisikhulumi sosuku ebisoPhongolo naseDumbe. Kuvele ukuthi ukuba khona kwale micimbi kakwehlanga kahle esigungwini sikazwelonke.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...