Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kuboshelwe noDJ abanohlonze kowesihlabani saphesheya

Kuboshelwe noDJ abanohlonze kowesihlabani saphesheya

by | 19 February 2026


SIZOSHESHE sitheleke eThekwini isihlabani saphesheya kwezilwandle, u-Anthony Hamilton, esilindeleke ukuba sinandise emcimbini oyingqayizivele wokubungaza uthando, ozoba seNkosi Albert Luthuli Interna-tional Convention Centre (ICC) ngomhla ka-28 kwephezulu.
U-Anthony oseteketiswa ngelikaMzwandi-le kuleli, kulindeleke ukuba anandise kulo mcimbi obizwa nge-Anthony Hamilton Live in Durban.


Selokhu agcina ukunandisa kuleli dolobha eminyakeni ewu-12 eyedlule. Ngokusho kukaMa-ndisa Makalima ongumhleli walo mcimbi, u-Anthony uzosheshe afike ukuze akwazi ukwenza imisebenzi yakhe yokusiza abantulayo, ngaphambi kokuba alungi-selele usuku olukhulu.
“Silindele ukuthi atheleke eThekwini ngasekuqaleni kweso-nto eli-zayo, akwazi ukusheshe azijwayeze nabantu base-The-kwini, ukuze abani-keze umsoco wodwa uma esebajabulisa ngomhla ka-28,” kusho uMandisa.


Lesi sihlabani sizobe sishiyelana inku-ndla nentandokazi yakuleli uSjava, noDJ asebemnka-ntshubomvu futhi asebeza-khele udumo ngokudlala umculo opholile nowamzu-kwana ezinda-weni zenjabu-lo, okunguDJ Muntu, uCollen Zondo, uDJ Young, uSentle Lehoko, uMsizi Shembe, uTbo-se Mokwele nabanye.
Amathikithi aseyatholakala eComputicket ngamanani ahlukene, aha-mbisana nezi-nga abantu abafisa ukuba kulona kulo mcimbi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...