Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kuboshelwe noDJ abanohlonze kowesihlabani saphesheya

Kuboshelwe noDJ abanohlonze kowesihlabani saphesheya

by | 19 February 2026


SIZOSHESHE sitheleke eThekwini isihlabani saphesheya kwezilwandle, u-Anthony Hamilton, esilindeleke ukuba sinandise emcimbini oyingqayizivele wokubungaza uthando, ozoba seNkosi Albert Luthuli Interna-tional Convention Centre (ICC) ngomhla ka-28 kwephezulu.
U-Anthony oseteketiswa ngelikaMzwandi-le kuleli, kulindeleke ukuba anandise kulo mcimbi obizwa nge-Anthony Hamilton Live in Durban.


Selokhu agcina ukunandisa kuleli dolobha eminyakeni ewu-12 eyedlule. Ngokusho kukaMa-ndisa Makalima ongumhleli walo mcimbi, u-Anthony uzosheshe afike ukuze akwazi ukwenza imisebenzi yakhe yokusiza abantulayo, ngaphambi kokuba alungi-selele usuku olukhulu.
“Silindele ukuthi atheleke eThekwini ngasekuqaleni kweso-nto eli-zayo, akwazi ukusheshe azijwayeze nabantu base-The-kwini, ukuze abani-keze umsoco wodwa uma esebajabulisa ngomhla ka-28,” kusho uMandisa.


Lesi sihlabani sizobe sishiyelana inku-ndla nentandokazi yakuleli uSjava, noDJ asebemnka-ntshubomvu futhi asebeza-khele udumo ngokudlala umculo opholile nowamzu-kwana ezinda-weni zenjabu-lo, okunguDJ Muntu, uCollen Zondo, uDJ Young, uSentle Lehoko, uMsizi Shembe, uTbo-se Mokwele nabanye.
Amathikithi aseyatholakala eComputicket ngamanani ahlukene, aha-mbisana nezi-nga abantu abafisa ukuba kulona kulo mcimbi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...