Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ziyikhalele namadodana ayo inyanga esolwa ngokubulala owayeshela intombi yayo

Ziyikhalele namadodana ayo inyanga esolwa ngokubulala owayeshela intombi yayo

by | 17 January 2025

NGUMNU Thandazani Mngomezulu, okuthiwa kugcine kumenele ukufa, esehlale cishe inyanga esibhedlela, ngemuva kokushaywa yinyanga ngoZibandlela (December).

IVELE eNkantolo yeMantshi eMtubatuba ngoLwesibili namadodana ayo amabili inyanga ‘esatshwayo’ yasesigodini saseNqakwini, esolwa ngokubulala owesilisa obeshela intombi yayo.  

UMnu Khulekani Ngubane (48) namadodana akhe amabili, uMnu Mduduzi Ngubane (21), noMnu Sihle Zungu (24), bavele enkantolo ngemuva kokushaqwa ngamaphoyisa ngoMsombuluko.

UNgubane (inyanga) ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza, elokuthumba nelokubulala uMnu Thandazani Mngomezulu, ngoba emsola ngokuthi weshele intombi yakhe. Amadodana wona abhekene namacala amabili – okungelokushaya ngenhloso yokulimaza nelokuthumba.

ILANGA libike kabanzi ngalolu daba, lapho kuvele khona ukuthi umufi washaywa kanzima nguNgubane ngomhla ka-15 kuZibandlela (December). 

Umufi kuthiwa wahlangana nowesifazane othile, okuthiwa unobudlelwano noNgubane. Kuthiwa wamdlalisa ngokumeshela, kwamcasula lona wesifazane, wafike wabikela isoka lakhe (uNgubane) ngento eyenziwe ngumufi. 

Kuvele ukuthi umsolwa wabe eselanda umufi kubo, wamfaka emotweni, wahamba naye, wambophela esigodweni kwakhe, wamshaya, emhlanganyela namadodana akhe, waze waphuthunyiswa esibhedlela isimo sakhe sisibi. 

Kuthiwa uhlale esibhedlela kusukela ngomhla ka-15 kuZibandlela waze washona mhla lulunye kuMasingana (January) kulo nyaka. Umndeni kamufi wezwakalisa ukungenami kwawo ngokucanasa kukamsolwa ngaphandle, yize ashaya ilungu lawo kwaze kwaholela ekushoneni kwalo. 

Emuva kokubika ngalolu daba, ILANGA lithole ukuthi abasolwa bashaqwe ngamaphoyisa umsolwa ushaqwe ngamaphoyisa ngoMsombuluko. Kubikwa ukuthi ama-phoyisa amshaqe namadodana akhe amabili, okuvela ukuthi nawo amshaya umufi ngosuku athathwa ngalo kubo. 

Bobathathu bavele eNkantolo yeMantshi yaseMtubatuba, icala labo lahlehliselwa isonto elizayo, lapho kulindeleke ukuba bafake isicelo sebheyili. 

Ngaphandle kwenkantolo bekukhona amalungu omphakathi waseNqakwini abebhikisha, eseka umndeni kamufi. Amalungu omphakathi abefuna inkantolo ingabanikezi ibheyili abasolwa. 

“Sijabule kakhulu ngokuboshwa kukamsolwa. bekusikhathaza ukuthi uyazicanasela ngaphandle ekubeni thina sifelwe yilungu lethu ngesandla sakhe,” kusho ilungu lomndeni. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuboshwa kwalaba, wathi bavelile eNkantolo yeMantshi yaseMtubatuba. Bazobuyela enkantolo ngesonto elizayo bezofaka isicelo sebheyili.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...