Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kunqandwe 58 000 abebefuna ukungena eMzansi ngokungemthetho ngesikhathi samaholidi

Kunqandwe 58 000 abebefuna ukungena eMzansi ngokungemthetho ngesikhathi samaholidi

by | 31 January 2025

UHLAKA olubhekelela ukuqapha imingcele eNingizimu Afrika iBorder Management Authority (BMA) iveze ukuthi ibophe abantu abawu-58 000 ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka abebeqhamuka kwamanye amazwe befuna ukungena kuleli ngokungemthetho.

Lolu hlaka luthe iningi labo beliqhamuka eLesotho, kuze iZimbabwe neMalawi.

Ngokubika kwe-SABC lesi sibalo siphindiwe uma siqhathaniswa nabawu-27 000 ababoshwe ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka ka-2023 no-2024.

UKhomishana we-BMA uMnu Michael Masipato uthe uhlelo lwabo lokuqapha imingcele ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka lube yimpumelelo njengoba bekwazile ukubamba laba bantu abebezimisele ukungena eNingizimu Afrika ngaphadle kwezimvume ezifanele.

UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uMnu Leon Schreiber ekhuluma esithangamini sabezindaba ngoLwesihlanu uveze ukuthi kulolu hlelo lwabo lwangamaholidi okuphela onyaka baphinde bakwazi ukubona izigebengu eziwu-130 ebezifunwa uthuli zizama ukubalekela kuleli noma ukuphuma kuleli.

Uveze nokuthi ngalolu hlelo bakwazi ukuvimba ukungena kwezimpahla zomgunyathi zenani elilinganiselwa ku-R690 million.

Uphinde wadalula ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka bakwazile ukudlulisa izivakashi ebezingena ziphuma kuleli eziwu-5 million.

Ungqongqoshe uthi isikhumulo sezindiza i-OR Tambo yisona esidlulise abantu abaningi abebengena bephuma kuleli kwalandela ibhoda laseBeitbridge.

Utshele abezindaba ukuthi lube yimpumelelo lolu hlelo lwabo lokuqapha imingcele yakuleli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...