Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ufuna ozizwayo kuqhudeqhude koweMother of All

Ufuna ozizwayo kuqhudeqhude koweMother of All

by | 4 February 2025

UHLUKUNYEZWA ukusatshwa kwakhe ngabanye abaculi emncintiswaneni umculi kamaskandi njengoba ethi lokho sekumvalela amathuba. UKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose uveze lokhu ecela inselelo kubaculi emncintiswaneni weMother of All Maskandi Festival ozokuba mhlaka-5 kuMbasa (April) ePeoples Park, eThekwini.

Kulo mncintiswano ophethwe ngedili lomculo, kubekwe isiteki seQuantum. Nyakenye le moto iwinwe uGatsheni. UKhuzani uthi ukusatshwa kwakhe kumlimazile nakowoKhozi FM wavelelwa ngaphandle kwafakwa imbangi yakhe.


“Eqinisweni phela imbangi yayiphiwa isiteki emncintiswaneni wengoma yokuhlukanisa unyaka ngoba ngangingekho kuwona. Lapha ebesiqhathwe khona nayo kweyokuhlukanisa unyaka kuMhlobo Wenene FM- ngiyihlulile. Akukho lapho ewina khona imbangi uma ngikhona emncintiswaneni ngoba abalandeli bami banamandla futhi baningi kwabayo imbangi. Kubuhlungu ukungabi naye umuntu engizoqhudelana naye, angiyifiseli ngisho oyedwa umculi lento,” kusho uKhuzani.


Uthe uyafisa kubekhona umculi ozophumela obala amukele inselelo yokothi babhekane kwiMother of All.
“Abaculi abathi abangisabi, kukhona engifuna ukukubona, oyedwa nje ozibona enamandla akavele sincweke kwiMother of All,” kusho uKhuzani.

Lo mculi ubhale enkundleni yakhe yezokuxhumana ukuthi abaculi abafuna inselelo abaphumele obala. Ngakolunye uhlangothi omunye wabaculi uMphile “Sminofu” Gumede uthi akamusabi yena uKhuzani.
“Bamutshele ukuthi mina angimesabi,” kusho uSminofu.
UZimiphi “Zimdollar” Biyela uthi inhloso enkulu yalo mcimbi ngukuthi kuqhakambiswe abaculi bathole imiklomelo emikhulu ezokwenza izimpilo zabo zishintshe.


“Kulo mncintiswano sihlose ukufukula amaciko ikakhulukazi lawa angakazuzi kakhulu. Abaculi siyabakhuthaza ukuba bangenele umncintiswano uma selukhishiwe uhlelo lokuqokwa kwabo,” kusho uZimdollar.
Uthe kulo nyaka uzobe engavumelekile uGatsheni ukuncintisana nabaculi emncintiswaneni ngenxa yokuthi uhlomulile nyakenye. Uveze ukuthi umculi osehlomulile, udedela abanye.

“Kunabaculi esizobamema ukuthi bazosingatha njengezimenywa bajabulise abantu ngomculo, hhayi ukuthi bancintisane emqhudelwaneni wemoto,” esho.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...