Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ufuna ozizwayo kuqhudeqhude koweMother of All

Ufuna ozizwayo kuqhudeqhude koweMother of All

by | 4 February 2025

UHLUKUNYEZWA ukusatshwa kwakhe ngabanye abaculi emncintiswaneni umculi kamaskandi njengoba ethi lokho sekumvalela amathuba. UKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose uveze lokhu ecela inselelo kubaculi emncintiswaneni weMother of All Maskandi Festival ozokuba mhlaka-5 kuMbasa (April) ePeoples Park, eThekwini.

Kulo mncintiswano ophethwe ngedili lomculo, kubekwe isiteki seQuantum. Nyakenye le moto iwinwe uGatsheni. UKhuzani uthi ukusatshwa kwakhe kumlimazile nakowoKhozi FM wavelelwa ngaphandle kwafakwa imbangi yakhe.


“Eqinisweni phela imbangi yayiphiwa isiteki emncintiswaneni wengoma yokuhlukanisa unyaka ngoba ngangingekho kuwona. Lapha ebesiqhathwe khona nayo kweyokuhlukanisa unyaka kuMhlobo Wenene FM- ngiyihlulile. Akukho lapho ewina khona imbangi uma ngikhona emncintiswaneni ngoba abalandeli bami banamandla futhi baningi kwabayo imbangi. Kubuhlungu ukungabi naye umuntu engizoqhudelana naye, angiyifiseli ngisho oyedwa umculi lento,” kusho uKhuzani.


Uthe uyafisa kubekhona umculi ozophumela obala amukele inselelo yokothi babhekane kwiMother of All.
“Abaculi abathi abangisabi, kukhona engifuna ukukubona, oyedwa nje ozibona enamandla akavele sincweke kwiMother of All,” kusho uKhuzani.

Lo mculi ubhale enkundleni yakhe yezokuxhumana ukuthi abaculi abafuna inselelo abaphumele obala. Ngakolunye uhlangothi omunye wabaculi uMphile “Sminofu” Gumede uthi akamusabi yena uKhuzani.
“Bamutshele ukuthi mina angimesabi,” kusho uSminofu.
UZimiphi “Zimdollar” Biyela uthi inhloso enkulu yalo mcimbi ngukuthi kuqhakambiswe abaculi bathole imiklomelo emikhulu ezokwenza izimpilo zabo zishintshe.


“Kulo mncintiswano sihlose ukufukula amaciko ikakhulukazi lawa angakazuzi kakhulu. Abaculi siyabakhuthaza ukuba bangenele umncintiswano uma selukhishiwe uhlelo lokuqokwa kwabo,” kusho uZimdollar.
Uthe kulo nyaka uzobe engavumelekile uGatsheni ukuncintisana nabaculi emncintiswaneni ngenxa yokuthi uhlomulile nyakenye. Uveze ukuthi umculi osehlomulile, udedela abanye.

“Kunabaculi esizobamema ukuthi bazosingatha njengezimenywa bajabulise abantu ngomculo, hhayi ukuthi bancintisane emqhudelwaneni wemoto,” esho.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...