Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 ULwah ukhuza abaphawula ngesimo somzimba wakhe

ULwah ukhuza abaphawula ngesimo somzimba wakhe

by | 7 January 2025

UMCULI usephumele obala ngokumphatha kabi okushiwo ngabantu ngaye ezinkundleni zokuxhmana.

ULwah Ndlunkulu ongumculi ongaphansi kwenkampani kaBig Zulu iNkabi Record udlulise ukuphatheka kabi kwakhe ngezinkulumo zabantu ezithi uzacile uqedwa insangu.

Lo mculi ubabele enkundleni yakhe yokuxhumana iFacebook edlulisa ukungaphatheki kahle kwakhe yilezi zinkulumo zabantu ngaye.

“Ingiphatha kabi ke kodwa le yokuthi ningibelesele ngokuthi ngizacile ngiqedwa insangu,” kubhala lo mculi.

Uqhube ngokunxusa nokukhuzq abantu ukuba bakuhloniphe ukushintsha komuntu ngenxa yokuthi kukhulwa ngezindlela ezingafani.

“Nezimo esibhekana nazo anizazi,” kusho yena eqinisekisa ukuthi akazidli izidakamizwa.

ULwah ungomunye wabaculi besifazane abenza kahle emculweni kwazise useke wahlabana nezindondo ezahlukene kulo mkhakha.

Uyaziwa ngezingoma okubalwa kuzo Ithuba, Paris ayicula noMthandeni SK, Amaphupho nezinye.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...