Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 ULwah ukhuza abaphawula ngesimo somzimba wakhe

ULwah ukhuza abaphawula ngesimo somzimba wakhe

by | 7 January 2025

UMCULI usephumele obala ngokumphatha kabi okushiwo ngabantu ngaye ezinkundleni zokuxhmana.

ULwah Ndlunkulu ongumculi ongaphansi kwenkampani kaBig Zulu iNkabi Record udlulise ukuphatheka kabi kwakhe ngezinkulumo zabantu ezithi uzacile uqedwa insangu.

Lo mculi ubabele enkundleni yakhe yokuxhumana iFacebook edlulisa ukungaphatheki kahle kwakhe yilezi zinkulumo zabantu ngaye.

“Ingiphatha kabi ke kodwa le yokuthi ningibelesele ngokuthi ngizacile ngiqedwa insangu,” kubhala lo mculi.

Uqhube ngokunxusa nokukhuzq abantu ukuba bakuhloniphe ukushintsha komuntu ngenxa yokuthi kukhulwa ngezindlela ezingafani.

“Nezimo esibhekana nazo anizazi,” kusho yena eqinisekisa ukuthi akazidli izidakamizwa.

ULwah ungomunye wabaculi besifazane abenza kahle emculweni kwazise useke wahlabana nezindondo ezahlukene kulo mkhakha.

Uyaziwa ngezingoma okubalwa kuzo Ithuba, Paris ayicula noMthandeni SK, Amaphupho nezinye.

Ezisematheni

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha. Lokhu bakuveze...

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Ogaqele isikhundla sobukhansela kwaNyuswa ngaphansi kwesiFunda saseThekwini wemukelwe ngenhlokomo ubuholi bendabuko ngesikhathi ezokwethulwa ubuholi emphakathini. UMnuz Siphiwe Bulose ubezokwethulwa ngoLwesihlanu njengefolosi le-ANC kuward 2 emcimbini wezinduna...

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...