
UFUNA ubulungiswa umndeni kaSabelo Ndimande (21) ofunda uGrade 11, othi wahlambalazeka esikoleni, eshaqwa ngamaphoyisa ngezinsolo zokuthumba uZothani Zungu, isidumbu sakhe esitholakale ngoLwesithathu sigqitshiwe eMlaba Village, eHammarsdale.
Ngeledlule ILANGA libike kabanzi ngokuboshwa kwezelamani ngecala lokubulala uZothani, ezazingabangani bakhe. Abasolwa bakhombise amaphoyisa lapho bagqiba khona isidumbu sikaZothani, ogcine ukubonakala ephila ngomhla ka-21 kuNhlaba (May) kuwona lo nyaka, elandwe ngabasolwa, beya esitolo.
Kuthiwa abasolwa bafika kubo kamufi ngosuku olulandelayo, bathi bajahwe ngabantu abathile abebehamba ngeVW Polo emhlophe, babaleka ngokwehlukana, okwaba wukunyamalala kukaZothani.
ILANGA lithole ukuthi ngemuva kokuba esenyamalele, singakatholakali isidumbu sakhe, amaphoyisa abopha uNdimande, emsola ngokuthi nguyena owayeshayela imoto yohlobo lwePolo, okuthiwa yavimbezela umufi nabangani bakhe, yabajaha.
UNdimande waboshwa ngomhla ka-5 kuNhlangulana (June) , wavela enkantolo, wanqatshelwa ibheyili, wagqunywa ezitokisini. ILANGA lithole ukuthi uNdimande ugcine ededeliwe ejele ngoLwesihlanu, ngemuva kokutholakala kokuthi akahlangene naleli cala.
Leli phephandaba likhulume noNkz Nombuso Ndimande ongunina kaNdimande, okuqinisekisile ukuthi indodana yakhe isidedeliwe ngemuva kokuboshwa kwezelamani. Uthe uzwa iminjunju uma ecabanga into eyehlele indodana yakhe, iboshelwa into engayazi, yahlala izinyanga ezimbili ejele. Uthi ngosuku eyaboshwa ngalo, wathola umqhafazo ovela kuyona, imazisa ukuthi isiboshiwe, isolwa ngokuthumba uZothani.
“Indodana yami yaboshwa isesikoleni, ilungisela ukubhala izivivinyo zayo ngoJune. Emuva kokungibikela ngokuboshwa kwayo, ngathumela isihlobo sami ukuba siphuthume esiteshini (samaphoyisa) ngoba mina ngangikude.
“Safika sabikelwa ukuthi indodana yami ibishayela imoto okuthiwa ibihamba abesilisa abajahe uZothani nabangani bakhe. Enkantolo umphenyi wecala ubephikisana nesicelo sebheyili, ethi imoto ebishayelwa indodana yami nesibhamu eyayisiphethe akukatholakali. Kwangixaka lokho ngoba indodana yami ayikwazi ukushayela,” kusho yena.
Uthe ukuboshwa kwendodana yakhe kuyilimaze kakhulu impilo yayo, yaphazamiseka nasezifundweni zayo. UNkz Ndimande ubonge umndeni kamufi njengoba ethi kusukela iboshwa indodana yakhe, wawungakaze ukholwe ukuthi iyathinteka, wawukubeka kucace ukuthi abantu abazi ngokunyamalala kukaZothani ngabangani bayo, abayilanda kubo.







